Idolobha uMgungundlovu lingcole ngendlela exakile
MHLELI: Ake ngikhulume ngedolobha engihlala kulo uMgungundlovu. Leli dolobha lincane kodwa ngesikhathi salo belihlanzekile ngale ndlela ongayazi.
Angazi ukuthi imeya neziphathimandla zedolobha zihamba kuyiphi imigwaqo. Indawo obonayo ukuthi kuseyidolobha isemgwaqweni uVictoria nakoGreyling uma ubheka nakhona hhayi yonke indawo. Kukhona umgwaqo ongaka-Asmalls ohlezi unamanzi amnyama. Nomunye omncane owehlayo, wudoti woqobo-ke wona, mhlawumbe usungawubiza ngomgwaqo wamaphara. Naserenki yaseSweetwaters emathoyilethi laphaya kudliwa iwunga ungalimala uma ungangena unganakile.
Kanti imeya yayibhidlizelani indawo okuthiwa isematsheni? Uyixazulula kanjani inkinga ngenye inkinga? Uma ukhipha amabhubesi esiqiwini ulindeleni ngempela? Uma uhamba kweminye imigwaqo imila utshani. Umasipala uhlulwa wukuthenga umuthi nje wokhula ufuthe.
Uzobona into ezokwenzeka ehlobo. Utshani eduze nomgwaqo babuye bashanele bafake emapayipini bese amanzi angabe esahamba kube nenkinga nezikhukhula zihamba namaphepha yonke imfucuza igcwala emgwaqweni. Uhamba ezitaladini kwezinye indawo ungangena nasemigodini basusa izinsimbi ezivale izitamkoko. Izinga lenhlanzeko nokunakekela ingqalasizinda kuphansi. Bayamba bangabuyiseli ngendlela.
Impela kuyoshaya u-2030 ingekho indaba yaleli dolobha uma besaqhuba ngale ndlela. Akwenziweni umsebenzi ningasiqhosheli ngokuthi umuntu wavota ebe engavotelanga ukuthi akenze noma yini ayithandayo.