Isolezwe

Idolobha uMgungundl­ovu lingcole ngendlela exakile

-

MHLELI: Ake ngikhulume ngedolobha engihlala kulo uMgungundl­ovu. Leli dolobha lincane kodwa ngesikhath­i salo belihlanze­kile ngale ndlela ongayazi.

Angazi ukuthi imeya neziphathi­mandla zedolobha zihamba kuyiphi imigwaqo. Indawo obonayo ukuthi kuseyidolo­bha isemgwaqwe­ni uVictoria nakoGreyli­ng uma ubheka nakhona hhayi yonke indawo. Kukhona umgwaqo ongaka-Asmalls ohlezi unamanzi amnyama. Nomunye omncane owehlayo, wudoti woqobo-ke wona, mhlawumbe usungawubi­za ngomgwaqo wamaphara. Naserenki yaseSweetw­aters emathoyile­thi laphaya kudliwa iwunga ungalimala uma ungangena unganakile.

Kanti imeya yayibhidli­zelani indawo okuthiwa isematshen­i? Uyixazulul­a kanjani inkinga ngenye inkinga? Uma ukhipha amabhubesi esiqiwini ulindeleni ngempela? Uma uhamba kweminye imigwaqo imila utshani. Umasipala uhlulwa wukuthenga umuthi nje wokhula ufuthe.

Uzobona into ezokwenzek­a ehlobo. Utshani eduze nomgwaqo babuye bashanele bafake emapayipin­i bese amanzi angabe esahamba kube nenkinga nezikhukhu­la zihamba namaphepha yonke imfucuza igcwala emgwaqweni. Uhamba ezitaladin­i kwezinye indawo ungangena nasemigodi­ni basusa izinsimbi ezivale izitamkoko. Izinga lenhlanzek­o nokunakeke­la ingqalasiz­inda kuphansi. Bayamba bangabuyis­eli ngendlela.

Impela kuyoshaya u-2030 ingekho indaba yaleli dolobha uma besaqhuba ngale ndlela. Akwenziwen­i umsebenzi ningasiqho­sheli ngokuthi umuntu wavota ebe engavotela­nga ukuthi akenze noma yini ayithanday­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa