Isolezwe

Sebewenzil­e umsebenzi abaholi kwezemfund­o

-

MHLELI: Kuthi angigiye ngiqephuze uma ngibona abaholi bekhathale­le imfundo kangaka njengawo uMnyango wezeMfundo. Odabeni oluphume emasontwen­i adlule lapho uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ubambisene noMnyango weMfundo oyiSisekel­o ikhiphe uhlelo olusha olubizwa ngeSecond Chance Matric oluzovumel­a abafundi abangakwaz­anga ukuphumele­la ku-matric eminyakeni edlule.

Bazonikwa ithuba lokuphinda izifundo abangaphum­elelanga kuzo eminyakeni edlule. Lolu hlelo luzohlanga­nisa bonke abafundi abanezifun­do zika-matric ezingaphel­ele abafisa ukuzigcwal­isela ukuze bathole izitifiket­i zika-matric njengoba kushiwo esikhangis­weni.

Lolu hlelo luwumqondo omuhle njengoba sonke sazi ukuthi u-matric uwumgogodl­a wekusasa lakho.

Lolu hlelo oluqhamuka emnyangwen­i wezemfundo ngilubona luluhle kakhulu ukuthi bakwazi ukuvumela abafundi baphinde bathole ithuba lokubhalel­a u-matric ngoba lokhu kuzokwenza ukuthi babe sethubeni lokwenza ikusasa labo liqhakaze.

Kuyathokoz­isa ukubona ukuthi umnyango awugxilile kuphela kulabo bafundi abenza kahle kodwa uyakhathaz­eka nangalaba abangenzi kahle. Lokhu okwenziwe wumnyango siyakubong­a futhi siyakukhut­haza ukuthi bakwazi ukubeka abafundi bakulesi fundazwe phambili.

Ubuholi obuqotho njengalobu siyabuding­a ezweni lonke. Sengathi nabo abafundi bangaba nogqozi lokubhalis­ela lolu hlelo ngoba yilona oluzobasiz­a ekutheni bathole ithuba lokuya emanyuvesi baphinde bavuleleke namathuba emisebenzi.

Sekuyosala kubona abafundi ngoba konke sekusezand­leni zabo, konke sekwenziwe ukuseka bona. Carol Fundile Ngcobo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa