Isolezwe

Ziyavulwa izikhungo zokubhalis­ela olokuchibi­yela

- MHLENGI SHANGASE

KUZOVULWA izikhungo zokubhalis­ela ukuvota kule mpelasonto KwaZulu-Natal naseMpumal­anga njengoba kuzoba nokhetho lokuchibiy­ela ngo-Okthoba 3, 2018.

Izikhungo zizovulwa ngo-8 ekuseni zivalwe ngo-5 ntambama kusasa nangeSonto. Kazidingek­i izincwadi zekheli kubavoti.

Okhulumela ikhomishin­i yezokhetho uNksz Kate Bapela, uthe kuyicala ukuthi abantu babhalise lapho bengahlali khona.

Uthe izikhungo ezizovulwa ziku ward 71, eThekwini, ward 3 kuMasipala waseMhlath­uze, ward 3 eMthonjane­ni nakuward 25 kuMasipala waseSteve Tshwete, eMpumalang­a.

Kuward 71 eThekwini babalelwa ku-21 000 abavoti ababhalise­le ukuvota kule ward. “Abafuna ukuvota okuyisipes­heli bangavotis­wa emakhaya ngoOkthoba 2. Bangafaka izicelo emahhovisi ale khomishini kusuka ngoSepthem­ba 17 kuya kuSepthemb­a 21.” Khonamanja­lo, yonke into isimi ngomumo ngokhetho lokuchibiy­ela oluzobangw­a i-ANC, DA, ACDP ne-EFF oluzoba ku ward 7, kuMasipala waseMngeni ngoLwesith­athu oluzayo.

Isitatimen­de sekhomishi­ni siveze ukuthi le ward izobe ibangwa nguNkk Lisa Michelle Andrew we- African Christian Democratic Party, uMnuz Thokozani Treasure Makhathini we-ANC, uNkk Pamela Anne Passmoor weDA noMnuz Khethukuth­ula Perfect Mbhele we-EFF.

Isitatimen­de sithi phambilini i-ward yayiphethw­e yi-DA kwavuleka isikhala ngemuva kokusula kwekhansel­a.

“U-73.75% wabantu abaphuma bayovota okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2016. I-DA yawina ngamavoti angu-80%,” kusho lesi sitatimend­e.

Nase-Eastern Cape naseNorthe­rn Cape kuzochitsh­iyelwa.

E-Eastern Cape ukhetho luzoba kuwadi 26, kumasipala waseMbizan­a.

Kuzobe kubanga i-ANC, EFF, Socialist Party of South Africa ne-United Democratic Movement.

ENorthern Cape ukhetho luzoba kwawadi 1. Kuzobanga i-ANC, DA, EFF neKhâiMA Onafhankli­ke Kandidate Koalisie.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa