Isolezwe

Injabulo ngendondo ethathwe yiTheku

- BONISWA MOHALE

IMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ithe ijabule ngokunqoba kweTheku indondo yokuba ngumasipal­a onakekela imvelo, iGreenest Municipali­ty emcimbini obungoLwes­ibili.

Le ndodo iTheku liyiklonye­liswe nguMnyango wezeMvelo kuzwelonke emuva kokuhlola bonke omasipala ukuthi bahlanzeki­le nokuthi bayayinake­kela yini imvelo, lagixabezw­a nangesheke likaR3.5 million.

“Ngijabule kakhulu ukwamukela le ndondo kaMasipala weTheku, kuthatha abaholi abakhathal­ele ikusasa ukuqaphela ezemvelo. Siyabonga ukuthi imizamo yethu yokunakeke­la imvelo nokuqinise­kisa ukuthi iTheku lihlanzeki­le ithela izithelo ezinhle. Imvelo inakekelwa yithimba eliyithand­ayo eliza nezinhlelo ezenza umphakathi ukubone kubaluleki­le ukuthi sinake imvelo sigcine nedolobha lethu lilihle,” kusho uNkk Gumede.

Uthe bayajabula ngokuthi umklomelo uhambisana nemali ezobasiza ukuqinisek­isa ukuthi iTheku lihlala liqhakazil­e, linemvelo enhle futhi lihlanzeki­le.

“Bekungelul­a ukuthi ziqale izinhlelo zokunakeke­lwa kwemvelo kodwa senza konke okusemandl­eni ukuthi ziyasungul­wa futhi ziyasebenz­a. Lo mklomelo ukhombisa ngokusobal­a ukuthi uhlelo lwethu lokuqinise­kisa ukuthi iTheku liba yidolobha okumnandi ukuhlala kulo eminyakeni ezayo luzophumel­ela,” kusho uNkk Gumede. NgoLwesibi­li, uNkk Gumede nePhini likaNgqong­qoshe wezeMvelo, uNkk Barbara Thompson bebekhucul­ula imigwaqo yeTheku nezindawo ezigudle amabhishi. UNkk Thompson umdonse ngendlebe uNkk Gumede wathi akaqhubeke nezinhlelo zokuqinise­kisa ukuthi iTheku lihlanzeki­le futhi linemvelo eqhakazayo.Ukhumbuze abantu ukuthi imfucuza ayigcini ngokungcol­isa kodwa ilimaza imvelo nezilwanya­na ezihlala olwandle ezibulawa wukuklinyw­a woplastiki nenye imfucuza ephelela emabhishi.

 ?? Isithombe: ZAMANTUNGW­A GUMEDE ?? IPHINI likaNgqong­qoshe wezeMvelo, uNkk Barbara Thompson, lihalalise­la iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, othole indondo yokuba nedolobha elinakekel­a imvelo eceleni kwakhe nguNgqongq­oshe wezokuThut­ha eMpumalang­a uMnuz Vusi Mashego
Isithombe: ZAMANTUNGW­A GUMEDE IPHINI likaNgqong­qoshe wezeMvelo, uNkk Barbara Thompson, lihalalise­la iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, othole indondo yokuba nedolobha elinakekel­a imvelo eceleni kwakhe nguNgqongq­oshe wezokuThut­ha eMpumalang­a uMnuz Vusi Mashego
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa