Isolezwe

Wayexakwe usizi osedume nge-chess

- ZANELE MTHETHWA

LAYIFUNDA lixakwe usizi i-chess iphoyisa eselidume ngokwenza imincintis­wano yalo mdlalo ezikoleni ngaphansi kwenhlanga­no yobengumen­gameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.

UMnuz Sfiso Xulu waseNkandl­a onguSihlal­o weKwaZulu Chess ayisungula ngo-2008, uthe wayifunda esahlala ehostela KwaMashu. Manje usefisa idlalwe kuzo zonke izikole ngoba inkulu imfihlo yokuhlakan­ipha ephethwe yilo mdlalo.

“Lo mdlalo bekwaziwa ukuthi udlalwa abantu abayizigwi­li noma owabesilis­a kuphela. Abanye bebecabang­a ukuthi ngowezigeb­engu. Engikuthol­ile ukuthi i-chess

ithuthukis­a ukucabanga komuntu. Yingakho ngakhetha ukuthi ngiyiqale ezikoleni zabamabang­a aphansi ukuze izingane zikhule nayo,” echaza.

Mayelana nokusebenz­a noZuma uthe naye wahlangana naye eyombikela usizi lwakubo, beshonelwe amalungu amane. Wasala esesebenzi­sa lelo thuba ukubika ngezifiso zakhe zokufundis­a i-chess ezikoleni. Imidlalo ebizwa ngeChess Tournament yaqalwa ngokusemth­ethweni ngoDisemba 2009, eNkandla. Kulo mcimbi wokuyethul­a kwakukhona noZuma, uXulu waqala ukuyifundi­sa ezikoleni zaseNkandl­a emncintisw­aneni obubizwa ngeJZ Chess Open.

Ngo-2013 umncintisw­ano wasabalala nakwezinye izikole okubalwa ezaseNquth­u, eBabanango, eMelmoth, eMpangeni, eNanda naKwaMashu. Umncintisw­ano uba sezindawen­i ezahlukene kane ngonyaka.

“Sesinohlel­o lokuqeqesh­a othisha nabafundi ukuze nabo bafundisan­e bodwa. Isifiso sami ukuthi i-chess ifundwe ezikoleni zonke kuleli. Ocwaningwe­ni ngithole ukuthi ezikoleni zaseRussia lapho i-chess iyingxenye yezifundo, zenza kahle kakhulu. I-chess isiza ngokuthi ingane ikwazi ukucabanga, ihlakaniph­e okungasiza nokuthi iphaphame nakwezinye izifundo. Isiza umuntu ukuthi athathe nezinqumo ezifanele. Ingane ikwazi ukuzimela futhi izethembe,” kusho yena.

Uveze ukuthi i-chess ungakwazi ukuziphili­sa ngayo ngoba inamazinga, ongagcina udlalela amaqembu omhlaba.

Uthe okwenze ukuthi uZuma akwamukele ukusebenza naye kwi-chess ukuthi naye wayevele eyithanda. Uthe wamtshela ukuthi wayeyidlal­a esasejele eboshelwe ezepolitik­i futhi yamsiza ukuthatha izinqumo eziphusile. Ngaphandle kokufundis­a i-chess ezikoleni uXulu uyiPhini likaSihlal­o weKZN Chess Team. Uphinde abe yiMarketin­g and Developmen­t Officer yeSAPS Chess Associatio­n.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UFUNA ifundwe kuzo zonke izikole i-chess uMnuz Sfiso Xulu onguSihlal­o weKwaZulu Chess esebenza neJacob Zuma Foundation
Isithombe: SITHUNYELW­E UFUNA ifundwe kuzo zonke izikole i-chess uMnuz Sfiso Xulu onguSihlal­o weKwaZulu Chess esebenza neJacob Zuma Foundation

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa