Isolezwe

Umbukiso wosomabhiz­inisi eBridge City

- BONISWA MOHALE

KUMI ngomumo ngamalungi­selelo ombukiso wamabhizin­isi iNorth Regional Fair eqala namhlanje enxanxathe­leni yezitolo, iBridge City ize iphele ngeSonto.

Abahlela iNorth Regional Fair bathe sebelinde ukwamukela osomabhizi­nisi abazoba yingxenye yalo mbukiso.

Esitatimen­deni bathe kulindelwe ukuthi iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede ithule umkhankaso weRadical Economic Transforma­tion (RET) Database, lapho osomabhizi­nisi bezindawo ezihlukene bezofundis­wa ngokuseben­zisana nomasipala.

UNkk Gumede uthe ukuba khona kohlu losomabhiz­inisi basezindaw­eni ezahlukene kusukela emalokishi­ni kuya kwezasemak­haya kuzosiza, ukuletha amathuba ebhizinisi kulezi zindawo. “Ngizohambe­la zonke izifunda zeTheku ngiyoqinis­ekisa ukuthi kunohlu losomabhiz­inisi ukuze kuthi uma kuvela amathuba omnotho bahlomule. NgoFebhuwa­ri sethule imigomo yeRET. Sizochazel­a osomabhizi­nisi ukuthi kusetshenz­wa kanjani nomasipala.”

Okuzohlaba abantu umxhwele yisihloko samathenda nepolitiki esizodingi­dwa yiPhini leMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Phillip Sithole.

Uzochazela osomabhizi­nisi ngemigomo elandelway­o uma umuntu esebenza nomasipala, imithetho emile nokuthi abaluleke ngani amathenda ekuthuthuk­isweni komnotho.

Umphakathi ungena mahhala ukuze ufunde ngamathuba okuthuthuk­isa osomabhizi­nisi, ubone impahla edayiswa wosomabhiz­inisi bezindawo ezahlukene, uhlomule nasezingxo­xweni ezethulwa yizikhulum­i. Indikimba yeNorth Regional Fair ithi Rural and Township Economic Revitalisa­tion.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa