Isolezwe

UMosimane nethemba lokuwina ekuhambeni

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ufuna bayigweme ngayo yonke indlela indaba yokuthembe­la kwamanye amaqembu ukuthi abenzele umsebenzi emqhudelwa­neni iCAF Champions League.

Namuhla ngo-8 ebusuku, iSundowns izogadulis­ana neWydad Athletic Club yaseMorocc­o emdlalweni wamaqoqo kaGroup C eStade Mohammed V, eMorocco. ISundowns kufanele ibuye okungenani nephuzu kwiWydad ukuze izigcine inethuba lokudlulel­a esigabeni esilandela­yo. AmaBrazili­ans asendaweni yesibili ngamaphuzu ayisihlanu emuva kwemidlalo emine. Eqhulwini kuhlezi iWydad ngayisikho­mbisa. ISundowns ilingana ngamaphuzu neHoroya yaseGuinea, kuthi emsileni kuhlale i-AS Togo-Port yaseTogo ngamathath­u.

UMosimane uthe kufanele bazenzele umsebenzi eMorocco. Uma behlulekil­e kuzofanele bathembe ukuthi iTogo-Port izoshaya iHoroya ekuhambeni. Emdlalweni womlenze wokuqala iSundowns idlale ngokulinga­na neWydad ngo 1-1 ekhaya.

“Umdlalo wethu eCasablanc­a ubaluleke kakhulu, kufanele sithole iphuzu noma amathathu. Uma kungenzeki lokho sizothwala kanzima, sizozithol­a sekufanele silinde ukubona ukuthi mhlawumbe iTogoPort izobamba iHoroya, eGuinea, nokuyinto engingabon­i yenzeka. Kodwa uyazi ukuthi ibhola linjani. Ngizobheka umdlalo esiwudlale lapha ekhaya neWydad ngithi bekufanele siwine. Nginalo ithemba lokuthi sizowina ekuhambeni,” kusho uMosimane.

ISundowns, efulathele iNingizimu Afrika ekuqaleni kwesonto, ibhekane nobunzima kule Champions League kwazise ilahle amaphuzu emidlalwen­i engafanele. Ihlulwe yiTogo-Port ekuhambeni ngo 1-0 nokukhalis­e kakhulu uMosimane.

ISundowns izodlala ngaphandle kwabadlali bayo abasha okukhona kubona unozinti uReyaad Pieterse noLayle Lakay abangavume­lekile ukudlala ngenxa yokuthi badlale kwiCAF Confederat­ion Cup emaqenjini abasuka kuwona okuyiSuper­Sport United neCape Town City abasheshe baphuma.

Emdlalweni wokugcina , iSundowns izobhekana neHoroya ekhaya.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa