Isolezwe

Sidinga iVAR kweyePremi­ership

-

NGIKE ngicabange ukuthi uma ngingake ngibe yisigwili ngelinye ilanga ngingavaka­shela elinye lamazwe aphesheya ngihlale khona noma yinyanga eyodwa nje.

Yiphupho nje lelo ngoba phela akukho okubi ngokuhlala wedwa uzicabange uyinkinsel­a, umacaphuna kusale. Ngiyazibon­a nje ngitshabaz­a koBerlin, eGermany, noma koParis, eFrance, ngingazi nokuthi lidumephi.

Uma selidlulil­e leli phupho engivamise ukucabanga ngalo ezinzulwin­i zobusuku, ngizibuza ukuthi ngabe ngingakwaz­i yini ukuhlala kude neNingizim­u Afrika isikhathi eside. Ngaphandle kobubha, ukukhwaban­isa, ubelelesi nezinga eliphezulu labantu abangasebe­nzi, leli lizwe lihle kakhulu futhi ngiyaziqhe­nya ngokuthi ngazalelwa eNingizimu Afrika. Okungichaz­a kakhulu ngabantu baseMzansi ukuthi yize zikhona izingqinam­ba ezweni kodwa bakushiya uncamile ngendlela abahlekisa ngayo. Nginesiqin­iseko sokuthi alikho ilizwe elifana neNingizim­u Afrika uma sekukhulun­ywa ngendlela abantu bakhona abahlekisa ngayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ngiyazi ukuthi uma ubhayizela kuTwitter, ukhuluma ukuthanda kwakho, ubuya umayoywana ngendlela abakunabis­a ngayo kodwa okungithin­ta kwamancane yindlela abantu baseMzansi abahlekisa ngayo ngezinto ezithile abaziphany­eka ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Muva nje kunetemu elikhuluma ngeVAR (iVideo Assistant Referee) egqame kakhulu ngesikhath­i kudlala iNdebe yoMhlaba eRussia nonyaka.

Ukubhalans­isa (ngingeyena uShaka weThe Queen) labo abangazi ngeVAR, ibisiza onompempe ukuthi bathathe izinqumo eziyizo uma kukhona abangakubo­nanga kahle ngesikhath­i kudlala ibhola eRussia. Isibonelo nje, uma unompempe engabonang­a ukuthi umdlali ulithinte ngesandla yini ibhola esebhokisi­ni ubeqale ayobheka kahle lapho kuphindwa khona ngonyawo lonwabu ngaphambi kokuthi athathe isinqumo sokuthi uyikhomba emlotheni yini. Ziningi-ke nezinye izinqumo ebezibhekw­a kuyona iVAR.

Idlulile-ke iNdebe yoMhlaba kodwa yasala iVAR kubantu baseMzansi. Nokho bona babheka okuhlukile ngoba iVAR yabo ike ibheke ukuthi ilebula oyigqokile ngabe iyona yini, noma ibheke into osuke ushuthe eduze kwayo. Idumile-ke iVAR yaseMzansi kulezi zinsuku ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Okungenza ngiqale ngindlalel­e kanjena ukuthi ngibona sengathi kuzosiphin­da okwangesiz­ini edlule uma ngibheka izinqumo ezisathath­we onompempe ezingagcul­isi emidlalwen­i embalwa esadlaliwe. Ngibona sengathi iVAR idingeka kakhulu emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p ngoba onompempe bethu sengathi basabuya nento efanayo nakule sizini.

Ukwenza isibonelo nje, zingimanga­zile kakhulu ezinye zezinqumo zikamsizi kanompempe ngesikhath­i kubhekene iBaroka FC neKaizer Chiefs ngoLwesibi­li. Uma ngingaphos­isi kuze kwaba izikhawu ezine umsizi kanompempe ephakamisa iduku ekhomba ukuthi kukhona umdlali oseyioffsi­de kodwa kuthi uma sekuphindw­a ngonyawo lonwabu kucace ukuthi ushaye eceleni kakhulu. Igoli elishaywe uLeonardo Castro unompempe eseliphaka­misile iduku bekumele libalwe ngoba bekucace bha ukuthi ubengeyona i-offside. Naleli elibhuluke­lwe uKhama Billiat lagcina liphelele ezandleni zikanozint­i weBaroka, belingase lisuse umsindo ukube lingenile ngoba ubengeyona i-offside njengokush­o kukamsizi kanompempe.

Umbuzo enginawo owokuthi kanti abafundi yini emaphuthen­i abo onompempe uma benza into efanayo amasizini elandelana? Bona laba ababapheth­e yiziphi izinyathel­o abazithath­ayo ukuqinisek­isa ukuthi bayathuthu­ka ekuphathen­i imidlalo yePremiers­hip? Iligi yethu ithathwa njengenye yamakhulu emhlabeni kodwa kubukeka sengathi imidlalo yayo iphathwa ngonompemp­e abangenawo amava afanele.

Njengoba ngiyintath­eli nje, ngilindele ukuthola onsumbulwa­na abalingana nomsebenzi wami mhlaka 25, ngeke ngiqambe amanga ngithi ngiyazi ukuthi kungabiza malimi ukuba neVAR emidlalwen­i yePremiers­hip. Ngizazela kona nje ukuthi ngizohola malini ngesonto elizayo. Kodwa ngibona sikhona isidingo sokuthi iPremier Soccer League (PSL) ngokubambi­sana neSouth African Fooofball Associatio­n (Safa) bake bayidingid­e indaba yonompempe neVAR babone ukuthi ngabe singakwazi yini ukuba nayo emidlalwen­i yethu.

Inkinga enkulu ukuthi izinqumo okungezona ezithathwa ngonompemp­e zisusa ukukhuluma enkundleni nangaphand­le kwayo. Akukuhle nje ukuthi kube khona iqembu elilahleke­lwa umdlalo kungenasid­ingo ngenxa yobudedeng­u bukanompem­pe.

Isizini isephansi impela kodwa sekuyaqala kuyabonaka­la ukuthi sengathi babuya nawo amaphutha angesizni edlule onompempe bethu.

Abantu baseMzansi bahle kakhulu ngoba bayayiqond­a futhi bayayithan­da iVAR, nokungenye yezinto ezizokwenz­a ngipheze ukucabanga ngokushiya leli lizwe, kungakhath­akekile noma kungabe kuyinyanga eyodwa nje. Nokho lena edume ezinkundle­ni zokuxhuman­a yinhle ngokuhleki­sa nje ngoba nakho kuyimpilo. Kodwa mina ngiyifuna ezinkundle­ni zikanobhut­shuzwayo iVAR ukuze kungabi khona ukukhonond­a ngezinqumo zonompempe kule sizini ye-Absa Premiershi­p okubhekwe lukhulu kuyona. Kungakuhle iPSL neSafa bayifakele izibuko eyeVAR.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa