UMosimane nethemba lokuwina ekuhambeni
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns,uPitso Mosimane,ufuna bayigweme ngayo yonke indlela indaba yokuthembela kwamanye amaqembu ukuthi abenzele umsebenzi emqhudelwaneni iCAF Champions League.
Namuhla ngo-8 ebusuku, iSundowns izogadulisana neWydad Athletic Club yaseMorocco emdlalweni wamaqoqo kaGroupC eStade Mohammed V, eMorocco. ISundowns kufanele ibuye okungenani nephuzu kwiWydad ukuze izigcine inethuba lokudlulela esigabeni esilandelayo. AmaBrazilians asendaweni yesibili ngamaphuzu ayisihlanu emuva kwemidlalo emine. Eqhulwini kuhlezi iWydad ngayisikhombisa. ISundowns ilingana ngamaphuzu neHoroya yaseGuinea, kuthi emsileni kuhlale i-AS Togo-Port yaseTogo ngamathathu.
UMosimane uthe kufanele bazenzele umsebenzi eMorocco. Uma behlulekile kuzofanele bathembe ukuthi iTogo-Port izoshaya iHoroya ekuhambeni. Emdlalweni womlenze wokuqala iSundowns idlale ngokulingana neWydad ngo 1-1 ekhaya.
“Umdlalo wethu eCasablanca ubaluleke kakhulu, kufanele sithole iphuzu noma amathathu. Uma kungenzeki lokho sizothwala kanzima, sizozithola sekufanele silinde ukubona ukuthi mhlawumbe iTogoPort izobamba iHoroya, eGuinea, nokuyinto engingaboni yenzeka. Kodwa uyazi ukuthi ibhola linjani. Ngizobheka umdlalo esiwudlale lapha ekhaya neWydad ngithi bekufanele siwine. Nginalo ithemba lokuthi sizowina ekuhambeni,” kusho uMosimane.
ISundowns, efulathele iNingizimu Afrika ekuqaleni kwesonto, ibhekane nobunzima kule Champions League kwazise ilahle amaphuzu emidlalweni engafanele. Ihlulwe yiTogo-Port ekuhambeni ngo 1-0 nokukhalise kakhulu uMosimane.
ISundowns izodlala ngaphandle kwabadlali bayo abasha okukhona kubona unozinti uReyaad Pieterse noLayle Lakay abangavumelekile ukudlala ngenxa yokuthi badlale kwiCAF Confederation Cup emaqenjini abasuka kuwona okuyiSuperSport United neCape Town City abasheshe baphuma.
Emdlalweni wokugcina , iSundowns izobhekana neHoroya ekhaya.