Isolezwe

IKaizer Chiefs imfuna ebuyele eNaturena uGordinho

- NDUDUZO DLADLA

IZINKINGA zeKaizer Chiefs zasemuva sezenze leli qembu lenza imizamo yokubuyisa uLorenzo Gordinho ebelimbole­kise kwiBloemfo­ntein Celtic, ngokushesh­a.

Izolo kuvele ukuthi iChiefs ithumelele iCeltic incwadi iyicela ukuthi idedele uGordinho abuyele kuyona ngokushesh­a.

ICeltic neChiefs bebenesivu­melwano sokuthi lesi siqongqwan­e somdlali wasemuva sihlale izinyanga eziwu12 kwiSiwelel­e kusuka ngoJanuwar­i nonyaka.

Lesi sivumelwan­o besizophel­a ngoDisemba. Imenenja kaGordinho uMike Makaab wePro Sport Internatio­nal yayikubeke kwacaca kwiSolezwe phambilini ukuthi uma uGordinho engeke adlale kwiChiefs kungangcon­o azihlalele kwiSiwelel­e ngoba ijezi uyalithola khona.

“Kuyiqiniso ukuthi uLorenzo simfuna eNaturena. Empeleni uyena ozicelele ukubuya ngakho angifuni ukugxila ezizathwin­i zokuthi yini emenza afune ukubuya ngoba ekugcineni ungumdlali wethu. Siyitsheli­le iCeltic ukuthi sicela imbuyise, sesilinde yona-ke ukuthi isazise kusuka manje,” kusho uVina Maphosa ophethe ezokuxhuma­na kwiChiefs.

Kuke kwaba khona ukukhuluma okuthi uGordinho ngeke ahlalelane noSteve Komphela kwiCeltic kwazise nakwiChief­s wayelizwa ngendaba ijezi ngaphansi kwalo mqeqeshi.

Leli phephandab­a libe selishicil­ela udaba lapho uMakaab ayeveze khona ukuthi iChiefs ifuna abuye uGordinho ngaphambi kokuqala kwesizini. Zibuye zashintsha izinto, uMakaab esethi umdlali wakhe uthe ujabule kwiCeltic, okwahumush­eka ngokuthi uzimisele ngokuseben­zisana noKomphela.

Nokho izolo izinto ziphinde zashintsha, njengoba iChiefs iveze ukuthi isimfuna ekhaya uGordinho ngokukhulu ukuphuthum­a. Izinto azihambi kahle emuva kwiZimpofa­na njengoba sezingenel­we amagoli amahlanu emidlalwen­i emine. Ukugqama kwezinking­a kwiChiefs kubonakale ngesikhath­i idlala ngokulinga­na neBaroka FC emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngesikhath­i umkhonto ugwaza ekhaya uDaniel Cardoso eshaya igoli ngekhanda,behluleka njengodong­a ukuxoxisan­a nonozinti u-Itumeleng Khune. Namuhla iChiefs izobhekana neMaritzbu­rg United kowe-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngo-8 ebusuku.

 ??  ??
 ??  ?? LORENZO GORDINHO
LORENZO GORDINHO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa