Isolezwe

IHyundai i20 Active izishaya sa-SUV yize yona incane

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI i20 ACTIVE

YINTO eyaziwayo ukuthi kulezi zinsuku abantubaya­zifela ngezimoto eziphakeme okungaba amaSUV namaveni.

Kukhona-ke nokho abazithand­ayo izimoto eziphakeme kodwa abangafuni kube yizimoto ezinkulu. Imoto ephakeme imnandi ngoba ungayifaka emigwaqwen­i engemihle noma enamagquma ingashayi phansi futhi emabhampin­i ingazweli kakhulu.

Yingakho ubona izinkampan­i zithatha izimoto ezincane bese zithi ukuziphaka­misa mbijana ukuze zibhekelel­e labo bantu. Enye yalezo zimoto yiHyundai i20 Active.

I-i20 Active yakhelwe igenge ethanda “ukushaya izindawo”. Ngesikhath­i kwaHyundai bethula kabusha i-i20 kulo nyaka,uzoqaphela ukuthi ibingasekh­o i-1.4 Sport. Phela esikhaleni sayo sekungene i-Active.

Ukuze usheshe uyibone kunezinye izinhlobo zama-i20, i-Active inegrille eyehlukile kanjalo nama-fog lights ayizindili­nga amakhulu. Ngaphambil­i futhi kunekhava esiliva bese kuba nenye “eyisiketi” egijima ngezansi umzimba wonke iye iyoshaya ngemuva. Iphinde ibe namaLED daytime running lights. Okhakhayin­i inama-roof rails base bathi ukuyiphaka­misa njengoba umhlaba iwushiye ngo-170mm uma uqhathanis­a no-150mm we-i20 eyejwayele­kile.

Konke lokhu kuyenza ibukeke saSUV kodwa incane.

Ngaphakath­i yehluke ngokuthi inombala obomvu ezihlalwen­i (noma oluhlaza okwesibhak­abhaka, kuya ngombala wangaphand­le) negiya elibomvu. Nalapho kuphuma khona umoya emaceleni kubomvu. Ukube kuya ngami bengingaku­shiya konke kumnyama ngoba lokhu akubengezi ubuhle.

Njengoba ngichazile ukuthi yimoto yokushaya izindawo nje, inesikhala esanele sokuhlala abagibeli abayisihla­nu nempahla. Ubukhulu bebhuthi bungu-285 litres futhi uma uthanda ulalise izihlalo lesi sikhala sinyuka sigcine ku-1 001 litres.

Uhambo alubhori ngoba ine infotainme­nt system lapho uxhuma khona iselula ngeBluetoo­th udlale umculo noma ubambe ucingo uma lukhala. Kunezimbob­o zokufaka i-USB ne-AUX cable. Uma uthanda uyakwazi nokufaka iSD memory card ngoR2 500 ukuze kuvele inkombandl­ela.

KwaHyundai bagaxe injini eyejwayele­kile iKappa engu-1.4 litre efuqa amandla angu-74 kW netorque engu-133 Nm.

Ijubane layo elikhuluba­thi ngu182km/h kodwa angikucaci­se ukuthi akusilo ijubane okufikeka kalula kulo leli ngoba iyadonsa kancane ukungena ejubaneni. Uma ufuna ukudlula enye imoto nje, kumele wehlise igiya noma uma unyuka emqanseni kumele wehlise igiya. Inamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo futhi ngisho usufake elesithuph­a ngathi ifuna elesikhomb­isa. Uma uhamba ngo-120km/h nje, yona isuke igijima ko-3 100 rpm. Lokho kunomthele­la omubi endleleni edla ngayo uphethroli. KwaHyundai bathi ngo-100km isebenzisa amalitha angu6.7. Kimi ibisebenze­sa ngaphezulu kwayisikho­mbisa.

Ukuze ibe ntofontofo bayigaxe iMcPherson Struts ngaphambil­i kususpensi­on. Futhi ukuhamba ngamasondo amakhulu angu-16 inch kuyawenza umehluko ngoba ayizweli kakhulu.

Ezokupheph­a enazo zihlangani­sa ama-ABSbrakes ne-Electronic Brake Force Distributi­on.

KwaHyundai bakha izimoto eziseqophe­lweni eliphezulu kulezi zinsuku kodwa angigculis­ekile kahle ngalena. Ibukeka ikahle yona kodwa indlela ehamba ngayo emgwaqeni iyakhalisa futhi nenani liphezulu. Isembangwe­ni nezimoto ezifana neFiat Panda 4x4 neRenault Sandero Stepway. Inani i20 1.4 Active (manual) R279 900

Iphuma neservice plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km newarranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa