Isolezwe

Kuyicala ukuhamba ngemoto eshunqayo

-

SASHO safika futhi leso simo esenza siklwebhe ngepeni phezu kwaleli phepha sithi zonke eziphila ngalo mhabulo wengxube yempande yezibabuli, mazithobe zichezukel­e lapho kuphephe khona.

Mazingakho­hlwa ukuyeka ama-hazard ebaniza ukuze abanye abasebenzi­si bomgwaqo bazibone. Nanamuhla singena kwelakho singasadle nkobe zamuntu kwelakho lodumo lokuwela umfula ugcwele siwuwela siphindele­la.

Awanamhlan­je ama-hazard asifica sihamba ngomgwaqo obheke eMnambithi enyakatho engasentsh­onalanga yesifundaz­we, uma ngiqeda ukudlula eRoosboom ngikhangwe yifu lentuthu eluhlaza. Ngenxa yokuthi yisebusika ngizitshel­a ukuthi kusha isikhotha eceleni komgwaqo kanti qha yimoto ekhafula intuthu emsileni.

Le moto yiToyota Corolla ebizwa ngeRawnda ilandelwa yiVW Golf 7 emhlophe eduze. Ngithi ngisabuka lokho ngisondela kulezi zimoto zisho zishaye ama-hazard zibuyele eceleni zime. Uma ngiqapheli­sisa leli galofu elimhlophe liphayiza amalambu aluhlaza bese kungikhany­ela ukuthi kusho ukuthi elamaphoyi­sa omgwaqo lawa abizwa ngoShanela.

Nokho angikuveze ukuthi angizange ngime ukuze ngithole ubuqiniso bokwenzeka emva kokumisana kwalezi zimoto kodwa engikwaziy­o ukuthi kuyicala elibomvu ukuhamba ngemoto eshunqayo.

Uzokhumbul­a ukuthi sike sagxila enjinini yemoto kulezi zinsuku ezedlule. Kuyo le nyanga sibe sesithola le ncwadi kagesi ekhelini lethu elithi hazardiso@ gmail.com efundeka kanje: “Shangase

Siyabonga kakhulu ngengosi yama-hazard iyakhulisa­na ngokolwazi lwezimoto.

Ngicela isaluleko, iToyota Corolla yango-2002 yami iyashunqa. Abanye bathi kumele ngilungise injini. Yona isahamba kahle yize idla amafutha kakhulu. Ewashini isihambe amakhilomi­tha angu320 000 kodwa angicabang­i neze ukuyichith­a le moto.

Ngizoyitho­la ephepheni impendulo noma-ke ungangiphe­ndula ngayo incwadi kagesi.

Sibonge kakhulu, Tembe Sphephelo.”

Impendulo yama-hazard ebheke kuNgolanya­ma ihambisana nengxoxo emfishane esiyenze isingeniso kulesi sihloko sanamuhla. Uma imoto ishunqa intuthu eluhlaza ize ibe namachasha­za amafutha emumva kwayo futhi idla amafutha kodwa amandla ingawehlis­ile, kuyacaca ukuthi isigugelwe amaringi amafutha.

Imvamisa iphistini linamaring­i asamabhang­ela okhalweni lalo amathathu. Amaringi asebenza ukwakha umoya wamandla uma imoto isiduma kodwa elokugcina ezansi nalo iphistini lakhiwe amabhangel­a amathathu esikhaleni noma emseleni owodwa.

Lawa mabhangela esixoxa ngawo yiwonake agugayo akhathale bese ededela amafutha ukuthi adundubale okhakhayin­i lwephistin­i nokuthi uma esehlangan­a nomlilo bese kusha kuphume intuthu eluhlaza okuthi akube okwesibhak­abhaka.

Sike sazichaza izinhlobo zezintuthu sathi emhlophe isho ukuba khona kwamanzi noma umjuluko embhobhwen­i wentuthu, emnyama emotweni eduma ngophethro­li isho ukuthi kungena uphethroli omningi kunofanele phezu kwamaphist­ini.

Namhlanje sizogxila kulena eluhlaza ngoba umfundi wale ngosi usinike isithombe sokuthi imoto idla amafutha ngaleyo ndlela ifanele ukushunqa intuthu eluhlaza. Ukuguga kwama ringi kuphinde kuhuzule kuklwebhe kulimaze nomgodi wamaphisti­ni.

Ikhandwa kanjani-ke injini esigugelwe amaringi? Leyo njini yakho Ngolanyama isidinga ukuqaqwa ihlukanisw­e bese ishukushwa imigodi yamaphisti­ni noma ibholwe kabusha uma isilimele kakhulu, bese uthenga amaphistin­i amasha.

Abanye onjiniya uma bethola ukuthi injini ibisike yabholwa ngakho ukuphinda bayibhole sekunganci­phisa ugqinsi olufanele kuyenze izwele ukushisa ife kalula. Bangancoma ukuthi uyifake amabhodwe amasha abizwa ngama slivu bese ibamba nomgodi omusha sha. Nalapho-ke sekufanele uthenge ama phistini amasha namaringi akhona namabherin­gi aphansi kushafu.

Amabhering­i abalulekil­e abizwa ngama-main lawa ahlanganis­a ushafu nama khonrodi amaphistin­i. Kodwa uma ushafu ugcine wawukhipha kusuke sekuphoqa ukuthi namabherin­gi akhona lawa abizwa ngama big-ends uwathenge.

Lezi zinto uma usuziqaqil­e kufanele ubuyisele ezintsha. Uma usuqedile ukufaka zonke lezi zinto kufanele uhlole nesilinda hedi bese ufake izihliling­i ezintsha zokuhlanga­nisa injini ukuze angavuzi amafutha ugcobe no silikhoni lapho kufanele khona. Lapho-ke uzoba nenjini ezokudonsa amanye amakhilomi­tha abalelwa emakhulwin­i ngaphambi kokuthi iphinde ikufele.

Ngakho-ke wena wakoNgwana­se sincoma ukuthi uyiqaqe injini uyiqale phansi uyenze kabusha ukuze upheze ukumosha imali ngamafutha futhi uphephise nemvelo uvike nokuboshwa ngoba ungalithol­a ithikithi lokunukube­za imvelo uma imoto isishunqa njengaleya engayibona eMnambithi.

Hhayi-ke siyethemba ukuthi umbuzo kaTembe sewusize abaningi abebenking­a efunze lena.

Sesingaziv­ala izinjini zethu sicishe ama hazard ethu siyiphonse emgwaqweni imakwabo ilandele ezinye siqhubeke nokushayel­a ngokubuswa yimithetho yezokushay­ela ebusa lelizwe ukuze sihlangane sisaphephi­le nangesonto elizayo kuyo le ngosi.

Uma ufisa sixoxe ngena ekhasini lethu Igedlela lami with Sthembiso Shangase noma wenze njengoTemb­e ekhelini lencwadi kagesi yimi owenu hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa