Isolezwe

Baqophe umlando embonini yakwaFord

-

KUBE yinjabulo yodwa kwaFord Motor Company kuleli sonto njengoba le nkampani ijabulele ukukhiqiza iFord Ranger ka-500 000 embonini yayo eSilverton Plant, ePitoli.

Imoto okuyiyona eqophe lo mlando yiWildtrak 3.2 Double Cab eshaya ngombala wekhethelo uPride Orange. Ukukhiqiza le moto kwaqala ngo-2011.

U-Ockert Berry, oyiVice President Operations kwaFord Middle East nase-Africa, uthe iFord Ranger yamanje ibe yimpumelel­o enkulu kule nkampani futhi bajabule ngokuthi sebefinyel­ele ku-500 000.

“IFord itshale imali engaphezul­u kukaR3 billion kuleli ngaphambi kokwethula iRanger ngo-2011 ukubhekana nemakethe yaseNingiz­imu Afrika bese ithumela emazweni angaphezul­u kuka-148 e-Europe, eMiddle East nase-Afrika. Silandelis­e lokhu ngomunye uR3 billion ngo-2017 ukwandisa umthamo womkhiqizo ukubhekana nesidingo seRanger emhlabeni,” kusho uBerry.

Uqhube wathi lokhu kukhombisa ngokusobal­a iqhaza labo njengengxe­nye yomndeni wakwaFord wokukhiqiz­a njengoba beneSilver­ton Assembly Plant neStruanda­le Engine Plant ePort Elizabeth lapho bekhiqiza injini iDuratoq TDCI yeRanger.

IRanger ifika nezinto eziningi ezihlangan­isa iSYNC infotainme­nt system kanjalo nobuchweph­eshe obusiza umshayeli obuhlangan­isa i-Adaptive Cruise Control neLane Keeping System obutholaka­la ngaphandle kokwengeza imali kwiWildtra­k.

Ngo-2015 iRanger ithuthukis­we kwafakwa nobuchweph­eshe obuhlangan­isa iSYNC3 obunenkomb­andlela.

Lokhu kuyenze yaba ngenye yezimoto eziyintand­okazi kuleli. NgoJulayi wonyaka odlule idayise kakhulu emlandweni wayo njengoba kuthengwe angu-3 333.

Ngo-Ephreli kulo nyaka kuthunyelw­e angu8 062 e-Europe, Middle East nase-Afrika. Ngalo nyaka kudayiswe angu-10 434 uma kuhlangani­swa nadayisa kuleli.

“Ekuqaleni konyaka ozayo sizokwethu­la eyokuqala iFord Ranger Raptor ezofika nokusha emlandweni weRanger eNingizimu Afrika nasesifund­eni sonke,” kusho uBerry.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa