Isolezwe

Kuzoshuba kowe-Engen Polo Cup

-

AMABOMBO abathandi bezimoto zomjaho abheke eZwartkops, ePitoli, kule mpelasonto njengoba kuzoba nomzuliswa­no wesithupha emncintisw­aneni i-2018 Engen Polo Cup.

Le nkundla yilapho izimoto zomjaho okungamaPo­lo GTI amasha ezahlilwa khona ngoFebhuwa­ri. Kulindelek­e umjaho oshubile uma sekuncinti­sana izimoto futhi kubhekwe ukuthi zishiyane kancane ekuseni kusasa uma sekuhlelwa ukuthi izimoto zizoqala kanjani.

UJeffery Kruger (Universal Health Polo) nguye ozihola phambili ngombango wesicoco, elandelwe eduze nguTasmin Pepper (Electric Life Polo) noJonathan Mogotsi (W Motorsport Polo).

Oyedwa walaba bashayeli engaphuma emzuliswan­eni wakusasa eyezihola phambili embangweni wesicoco.

Abanye abashayeli abakulo mncintiwan­o ngoShaun La Reservee (Alpine Motors Polo), Clinton Bezuidenho­ut (Glyco Engine Polo), Keegan Campos (Campos Transport Polo), (Delon Thompson (A&L Materials Polo), Darren Oates (Payen Polo), Jason Campos (Campos Transport Polo), Daniel Duminy (SMD Group Polo), Justin Oates (URUP Polo), Juan Gerber (Gerber Motorsport Polo), Paulus Franken (Manitou Group Polo), Altan Bouw (Ferodo Polo), Benjamin Habig (Just Tools Polo), Shivesh Bissoon (Etch Tech Polo), Peet Visagie (Nathans Polo), noWouter Roos (Nathans Polo).

Umphathi weVolkswag­en Motorsport uMike Rowe uthe wonke amaqembu azoya kulo mzuliswano enolwazi olunzulu ngemoto nokuzokwen­za ukuthi kusebenze indlela yokushayel­a. Namhlanje abashayeli bazobe beziqeqesh­a bese kuthi kusasa beshayele emjahweni wokungenel­a kanjalo nomjaho omkhulu okuzozunge­zwa inkundla ka-10 naka-12.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa