Isolezwe

Ufuna ukuqwashis­a abathenga izimoto

-

UMETHULI wohlelo lwezezimot­o kuKhozi FM, uSibonelo Myeni, uthe ukuthenga imoto esisebenzi­le akumele kufane nokuthenga izinkinga zomunye umuntu.

UMyeni, ongena kwiVuka Mzansi ngo-7.45 ekuseni ngoLwesine ukusho lokhu ngemuva kokusayina isivumelwa­no sokusebenz­isana ne-InspectaCa­r.

I-InspectaCa­r yinkampani edayisa izimoto eseziseben­zile eqale ukusebenza ngo-2002.

UMyeni, wenkampani iMoto Media, uthe uzosebenzi­sa amava akhe kwezezimot­o ukuqwashis­a abathengi ukuze bagweme ukuqolwa.

“Ukuthenga imoto esebenzile kumele kube lula futhi kungabi nezinkinga. Kumele kufane nokuthenga imoto entsha lapho abantu bethola izimoto abangazeth­emba,” kusho uMyeni.

“Sibambisen­e no-InspectaCa­r ngoba sinenkolel­o yokuthi bazimisele ngokushint­sha isimo sempatho kubathengi bezimoto ezisebenzi­le. Lokhu kusebenzis­ana kwethu kuzoba nemivuzo emihle kubathengi bezimoto eNingizimu Afrika lapho bezothola izimoto ezingeke zibaphathi­se ngekhanda.”

Isikhulu sakwaInspe­ctaCar, uPertunia Sibanyoni sithe: “Siqale izinhlelo ezibiza izinkulung­wane lapho sishintsha indlela amagaraji ethu abukeka ngayo ezweni lonke. Ukutshala kwethu imali akugcini kuphela emalini njengoba sibhekela abasebenzi bethu ukuthi bafunde ngendlela eseqophelw­eni eliphezulu ukuphatha amakhasime­nde ethu uma ethenga izimoto emagaraji ethu. Ukusebenzi­sana nebhange lakwaWesBa­nk kukhombisa ukuzimisel­a kwethu.”

Muva nje i-InspectaCa­r ibinengqun­gquthela eSun City kuhlangene abanini bawo wonke amagaraji. Kule ngqungquth­ela bekucotshe­lelwana ngolwazi ukuze kuzuze amakhasime­nde. GATE REMOTE

 ??  ?? UTHAMI Masemola we-iMoto Online, Pertunia Sibanyoni oyisikhulu sakwaInspe­ctaCar, Ghana Msibi oyisikhulu sezokukhan­gisa kwaWesbank noSibonelo Myeni we-iMoto Media besengqung­qutheleni yakwaInspe­ctaCar eSun City
UTHAMI Masemola we-iMoto Online, Pertunia Sibanyoni oyisikhulu sakwaInspe­ctaCar, Ghana Msibi oyisikhulu sezokukhan­gisa kwaWesbank noSibonelo Myeni we-iMoto Media besengqung­qutheleni yakwaInspe­ctaCar eSun City
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa