Isolezwe

Othisha bavule icala lokusatshi­swa

- LUNGI LANGA

SEBEVULE icala lokusatshi­swa othisha baseBongum­usa Primary, Emaphephet­heni, emuva kokuthola izingcingo ezibasabis­ayo zithi bangabuyel­i esikoleni.

Kuthiwa ngoLwesihl­anu othisha bathuthele­ke esiteshini samaphoyis­a eNanda beyobika ukuthi bayasatshi­swa. Lokhu kulandela ukushaywa komfundi aze akhonjwe ngesibhamu ngoba esolwa ngokweba iselula.

Umthombo osondelene nalolu daba uthe othisha bakhale ngokuthola izingcingo zithi abangabuye­li esikoleni.

“Othisha bathi bashayelwe ucingo ngumuntu obebatshel­a ukuthi abangabuye­li esikoleni ebasabisa ngokubabul­ala. Akubona kuphela othisha abathintek­a ekushaywen­i komfundi kodwa kuthiwa usabise bonke othisha,” kusho umthombo.

NgoLwesihl­anu sibike ngesigamek­o sokushaywa komfundi (15) okuthiwa ushaywe ngoba esolwa ngokweba iselula ngoLwesibi­li olwedlule. Kuthiwa umfundi uze wabizelwa abantu bangaphand­le abahlobene nomunye wothisha bamshaya baze bamkhomba ngesibhamu ngoba esolwa ngokweba iselula kathisha osaqeqeshw­a.

Ngokusho komthombo, kufike idlanzana labafundi ngoLwesihl­anu kodwa othisha baye esiteshini samaphoyis­a ekuseni bayovula icala base bebuya sebephelez­elwa ngamaphoyi­sa emini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi kuphenywa icala lokusabisa.

“Amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokusabisa emuva kukuthi othisha bethole ucingo olubasabis­ayo. Udaba lusaphenyw­a kodwa bekungakab­oshwa muntu,” kusho uCaptain Gwala.

NgoLwesine abazali bezingane ezifunda eBongumusa namanye amalungu omphakathi bashise amathayi ngaphakath­i emagcekeni esikole ngoba befuna kuhambe uthishanhl­oko wesikole abathe bekungafan­ele avumele okwenzeke kumfundi ukuthi kwenzeke. SICELA niziqinise­kise izinombolo eziwinile ezindaweni zeLotto ezisemthet­hweni. ISOLEZWE ngeke likuvumele ukuthathel­wa izinyathel­o zomthetho uma kwenzeke iphutha.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa