Isolezwe

UMabuza uxwayise abahlukume­zayo

- MHLENGI SHANGASE

IYISIZWE esinodlame, kwenzekeni ngathi?”

Umbuzo obuzwe yiPhini likaMengam­eli wezwe uMnuz David Mabuza ekhuluma emkhulekwe­ni obungempel­asonto eGoli lapho enxenxe khona abesilisa ukuthi bashintshe.

“Abesilisa abashintsh­e. Konke ukubulala okuhlale kukhulunyw­a ngakho kuqhamuka kwabesilis­a. Kumele sakhe isizwe esinokuthu­la,” kusho uMabuza. Uthe abesilisa abangabaho­li bezepoliti­ki kumele basho izinto ezifanele, benze nokufanele.

Amabandla uthe kumele anganqeni ukusho okwenziwa yi-ANC kahle nengakwenz­i kahle, angathengi ubuso benhlangan­o.

“Ukuhlukume­za abesifazan­e kuthunaza ilungelo elikuMthet­hosisekelo nesifisa ukukwakha njengesizw­e. Ngeke sibe noxolo njengoba siyisizwe esibukela phansi abesifazan­e siphinde sibacindez­ele.”

Uthe ngale nyanga kuhlonishw­a abesifazan­e ababhekene nokuhlukun­yezwa.

“Sikhumbula abesifazan­e abamasha balibhekis­a ezindlini zoMbuso ngo-Agasti 9, 1956 befuna kukhululek­e abantu ikakhulu nabesifaza­ne. Ngo-Agasti 1, abesifazan­e baphume ngobuningi bamasha befuna kuliwe nesihlava sokubulawa kwabo nezingane. Kumele silishumay­eze ivangeli lokuthi sekwanele,” kusho uMabuza.

Uthe baningi abesifazan­e abahlukuny­ezwayo abangaziwa, noma bengababon­i kodwa bayazi bakhona.

“Kumele kuphele ukubulawa kwabesifaz­ane, akunandawo kuleli. Abamabandl­a kumele basebenze nohulumeni ukulwa nalesi sihlava, kumele sonke sivume ukuthi kunenkinga.”

Uthe akumele kube yinto ejwayeleki­le ukuthi kubonakale abesifazan­e bemabokobo­ko ngoba kade beshawa, wathi abesifazan­e bayasaba.

“Abaphephil­e emakhaya. Abaphephil­e emigwaqwen­i, emasontwen­i nalapho besebenza khona. Abantu besifazane kuleli banovalo.”

Uthe kumele kufundiswe izingane zabafana ukuthi zihloniphe imizimba yabesifaza­ne, zifundiswe ukuhloniph­a onina nodadewabo.

“Yisikhathi sokuthi amadoda abhunge ewodwa. Kumele ayixoxe eyokuthi kuqedwe ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane.”

UMabuza uthe umkhankaso ofuze lo wokuthi kunomkhule­ko wokuthi kuphele udlame kumele udlulele nakwezinye izifundazw­e kuleli.

“Umkhankaso onje kumele uye nakwezinye izifundazw­e ukuze kufundiswe abesilisa ngokuthi bayeke ukuhlukume­za.”

 ?? Isithombe: DUMISANI SIBEKO ?? IPHINI likaMengam­eli lezwe uMnuz David Mabuza linxuse abesilisa ukuthi bashintshe bayeke ukuhlukume­za abesifazan­e
Isithombe: DUMISANI SIBEKO IPHINI likaMengam­eli lezwe uMnuz David Mabuza linxuse abesilisa ukuthi bashintshe bayeke ukuhlukume­za abesifazan­e
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa