Isolezwe

Ungathengi imoto ungenalo ulwazi oluthe xaxa ngayo

-

MHLELI: Kwelakho elingashay­i eceleni ngithi ake ngiphawule ngento eyinkinga enkulu ekuphileni kwethu singabantu, ngibhekise ohlangeni olumnyama ngoba le nkinga ngiye ngiyibone kithina kakhulu. Imoto iyathandek­a kakhulu kabi ngaphezu kwazo zonke ezinye izinto ezithengwa ngabantu. Engiye ngikuqaphe­le uma umuntu ethenga imoto uyathanda ukufihla, afihlele nabantu abebezoba wusizo kuye.

Uma uthenga imoto yokuqala ungakaze ube nayo phambilini kufanele uthole ulwazi kubantu abanazo izimoto ngoba kuningi okufundayo kubo, ikakhuluka­zi uma uzothenga imoto esike yasebenza engeyintsh­a. Abadayisi bezimoto bavele bathi imoto isesimeni esihle noma ibheda. Yingakho ngithi kuyingozi ukufihlela abantu uma uzothenga imoto. Kufanele kube khona umuntu oxoxa naye onolwazi lwezimoto akululeke ngohlobo lwemoto ongaluthen­ga kwesinye isikhathi akupheleze­le ukuze akubhekise imoto ewuhlobo olungcono.

Le nto yokuthi ufuna ukumangaza abantu bakubone usupake imoto egcekeni ayisebenzi. Le nkulumo yami isuka ekutheni ziningi izimoto ezipake emagcekeni ezathengwa ngale ndlela engikhulum­a ngayo, umuntu wakhona athole imali yempesheni emsebenzin­i abone imoto egaraji thizeni iyinhle imfanela ngokubuka kwakhe ayithenge engenalwaz­i lwayo. Enye igcina ukuhamba iphuma egaraji ingaphinde ihambe. Iyokhandwa kuze kuphele imali yempesheni.

Mina umbono wami uthi uma uzothenga imoto qala ucabangisi­se kahle uhambe izindawo eziningi ezidayisa izimoto nomuntu ozaziyo izimoto, ungatataze­li uze ugculiseke yimoto oyithengay­o.

Maningi kakhulu amaphutha asenzekile kuthengwa izimoto zigcine sezizalela izinkukhu sezivimbe emagcekeni ezinye sezivimbe indawo komakhenik­ha. Uma uthi uyabuza ezinye azitholaka­li izinsimbi zayo. Enye umnikazi wayo uswele imali yokuthenga izinsimbi zayo. Uma ungahamba emagcekeni ziningi izimoto ezimile ngalezi zinkinga. Edmund Ngcobo EHAMMARSDA­LE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa