Ukhale ngobuthuntu phambi kwamapali
AGWEME ukuphoxeka AmaZulu FC ebuya selishona engavumeli ukudliwa ngephutha elenziwe ngukaputeni ngesikhathi kuqala umdlalo we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza izolo ntambama.
Igoli lika-Emiliano Tade nelikaMhlengi Cele angene esiwombeni sesibili, asule izinyembezi kubadlali nabalandeli baMaZulu ezabo zaphuma namaphuzu amathathu. Izivakashi zithole igoli lokuphiwa ngesikhathi ukaputeni waMaZulu, uMbongeni Gumede eshaya ibhola elibhekisa kunozinti wakhe uMoeneeb Josephs, obesephumile emapalini. IStars kube sengathi ithole uphethroli ebiwudinga, yadlondlobala emdlalweni. Iphinde yathola elinye ithuba lokwenza u 2-0 kodwa kulokhu uJosephs wazigeza evimba ibhola likaCesair Gandze sebebhekene bobabili. UNhlanhla Vilakazi obegijima kwi-Ea Lla Koto uze waphoqeleka ukubuza engaphandle kwepali kodwa unozinti wayo -Olivier Kwizera walivimba. AmaZulu abuye alinyazwa yizinqumo ezingafanele phambi kwamapali. Kweminye iminyakazo yawo uMabhuti Khenyeza unikeze u-Augustine Ramphele ibhola eyeka uTade obesendaweni engcono ukuthi angakhahlela epalini. Kusale kubatshazwa uRamphele eseyolindizisa nezinyoni ibhola liphuma phezu kwamapali.
Kucishe kwakhalwa futhi eKing Zwelithini, uHarris Tchilimbou ezithola esebhekene noJosephs ngemuva kokuthi iStars intshontshe ibhola emuva kungaMaZulu abehlasela. UJosephs uphumile ezama ukuvimba kodwa wehluleka. UTchilimbou ugcine elikhiphe phezulu kwamapali lelo bhola.
Empeleni iStars ibingashintsha umdlalo ihamba phambili okungenani ngo 3-0 ngokwamathuba ewatholile. Kubuywa AmaZulu abuye ngamandla njengoba uTade ethole ithuba lokuqala. Lo mgadli waseArgentina usukumise inkundla, ebuza ngeshodi ngomzuzu ka-47, wamshiya elenga uKwizera emapalini. EzikaCavin Johnson bese zivutha zingasabi nokukhahlela. Seliya ngokushona, uJohnson udonse uTade, wagaxa uMhlengi Cele ofike washaya igoli lesibili ngomzuzu ka-89.
USHAYE ingoma esijwayelekile eningini labaqeqeshi uRoger Sikhakhane opheka iRoyal Eagles ebalisa ngobuthuntu phambi kwamapali ngemuva kokuyiqala ngebatha imidlalo yeNational First Division (NFD).
I-Eagles yehlulwe yiStellenbosch FC ngo 1-0 wegoli lika-Iqraam Rayners eChatsworth Stadium ngoMgqibelo ntambama. Iqembu likaSikhakhane ngelinye labhekwe ukuphakamisa isifundazwe iKwaZuluNatal kulesi sigaba. Kodwa ngempelasonto amaqembu aseKZN awazange aqale kahle.
Ngesikhathi ezikaSikhakhane zidedela amaphuzu, kube okufanayo nakwiReal Kings eshaywe yiWitbank Spurs ngo 1-0 idlalela ekhaya. UThongathi FC lona lusale nephuzu lubambana neTshakuma ngo 0-0.
“Ngicabanga ukuthi imiphumela ayihambanga kahle. Esiwombeni sokuqala kasidlalanga kahle. Sibavulele isikhala esikhulu sokudlala benza into abayithandayo baze bathola igoli,” kusho uSikhakhane ohlenge iqembu ezembeni ngesizini edlule.
Kwisizini eyandulela edlule unqobe isicoco seNFD neThanda Royal Zulu ngaphambi kokuthi idayisele AmaZulu FC igunya layo lokudlala kwi-Absa Premiership.
Uthe bazamile ukubuya kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Kwesesibili sizamile ukuthi sibuye kodwa bese sidlala nengcindezi yokuthi sifuna ukuthola igoli lokulinganisa noma elokuwina kodwa-ke akwenzekanga. Ngiyacabanga ukuthi uma singasebenzisa amathuba esiwatholayo kungaba lula ukuthi sithole amaphuzu. Ngamathuba esiwakhayo angatholeka kalula amagoli. Abadlali bethu kumele balwe, baqinise phambi kwamapali khona sizokwazi ukuwina imidlalo,” kusho uSikhakhane.
Ngokwakhe akakaqedi emakethe njengoba esabheka umdlali “wasemuva nowaphambili” ngaphambi kokuvalwa kwewindi ekupheleni kwenyanga.
Emdlalweni olandelayo i-Eagles izovakashela iTS Sporting evela kwiMotsepe League. ISporting ishaywe iMaccabi FC ngo 3-1 kowayo umdlalo ngoMgqibelo ntambama. Imiphumela yeNFD: Real Kings 0-1 Witbank Spurs; Royal Eagles 0-1 Stellenbosch; Uthongathi FC 0-0 Tshakhuma Tsha Madzivhandila; Maccabi FC 3-1 TS Sporting; Jomo Cosmos 1-2 Ajax Cape Town; Pretoria University FC 1-1 Mbombela United; Richards Bay 1-0 Ubuntu Cape Town; TS Galaxy 1-1 Cape Umoya United