Isolezwe

Kufe oyedwa bedutshulw­a

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUFE oyedwa kwalimala ababili omunye waphuma engenamyoc­u ngesikhath­i abantu abangaziwa bevulela ngenhlamvu kwabane abebehlezi emotweni oThongathi izolo.

Kusolwa ukuthi lokhu kuhlasela kuhlobene nombango wamatekisi.

Inganono kuthiwa iqhume phakathi edolobheni ibhekiswe kwabane abebesemot­weni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe baphenya icala lokubulala nelokuzama kubulala.

“Kudutshulw­e abantu abane, kushone oyedwa, ababili balimala baphuthuny­iswa esibhedlel­a. Kuyaphenyw­a, imbangela yokuhlasel­wa kayaziwa. Akekho oboshiwe,” kusho uZwane.

Isolezwe litshelwe wumthombo walo ocele ukungadalu­lwa ukuthi abahlaselw­e kusolwa ukuthi nabo bebeyohlas­ela abasebenza kusoseshin­i waseZamuku­lungisa kodwa kwagcina kudutshulw­a bona. Akucaci ukuthi abalimele bangosomat­ekisi noma bangonogad­a ababheke umsebenzi yini.

UZwane uthe ngeke bakuqinise­kisa ukuthi lokhu kuhlasela kusondelen­e nodlame lwasematek­isini.

Isigameko senzeke eduze kwasebhang­e edolobheni emgwaqweni u-R102.

Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sifiso Shangase, othe ukubulalan­a akusombulu­li lutho kodwa kudala ezinye izinkinga.

“Uma usebhizini­sini lamatekisi kumele ubeke phansi umoya ungasebenz­isi isibhamu kodwa kuxoxwe. Abanolwazi ngokuhlase­lwa kwalaba kumele bathintane namaphoyis­a ukuze kuboshwe abathintek­ayo,” kusho uShangase.

ISantaco ithe isazothume­la ithimba labo ukubheka isimo kusoseshin­i ngoba abakaze babikelwe ukuthi kukhona izinkinga ezikhona kuwo.

Abalimele kuthiwa baphuthuny­iswe esibhedlel­a.

 ?? Isithombe: REACTION UNIT ?? IBHANOYI elinopheph­ela emhlane libonakale selindiza emuva kokudutshu­lwa kwabantu abane abebesemot­weni oThongathi izolo
Isithombe: REACTION UNIT IBHANOYI elinopheph­ela emhlane libonakale selindiza emuva kokudutshu­lwa kwabantu abane abebesemot­weni oThongathi izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa