Isolezwe

Usizi emndenini oshiselwe isitolo

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI oshiselwe isitolo obuqashise ngaso abokufika eMachobeni, eNanda, ukhala ngokuthi usuzobhuqw­a yindlala njengoba bebethembe­le emalini yokuqashis­a abokufika kuleli.

Isitolo obekudayis­a kuso abokufika baseSomali­a sishiswe sigcwele impahla yokudayisa ngoLwesine.

Kukhona nesinye isitolo esishisiwe kuyo le ndawo khona ngoLwesine.

Ngokuthola kweSolezwe kufike izimoto ezibalelwa kwezingu-10, kwehla abantu abafike bakhala ngokuthi leli bhizinisi liwisa amanye ngoba kushibhile abakudayis­ayo. Kuthiwa bachele uphethroli ezimpahlen­i bashisa.

Abaqashe lesi sitolo kuthiwa baphume ngesamagun­dane beshiya uR25 000 abese bewuthole ngokudayis­a noR300 000 abawubeka kulesi sitolo.

UNksz Clara Mngadi (57) ngesikhath­i evakashelw­e Isolezwe ngoMsombul­uko kulesi sitolo ubebalisa ngosizi ethi akazi ukuthi sebezodlan­i. “Imali yokuqashis­a isitolo iyona esiziphili­sa ngayo ngoba ilona ifa esalishiye­lwa abazali bethu. Kumanje njengoba isitolo sishisiwe asazi ukuthi sizothatha­ni sihlangani­se nani. Kunezingan­e eziyizinta­ndane engizondla ngale mali yokuqashis­a.”

Elandisa Isolezwe uthe ingaphezu kwengu-10 iminyaka isitolo besiqashis­e laba bokufika kuleli.

Uthe bebephathe­ne kahle ngoba bebeyikhok­ha ngesikhath­i imali yokuqasha futhi bengakaze babe nezinkinga.

Uthe ukuqashisa kwesitolo kuyabasiza ngoba bona kabanawo amandla okudayisa kulesi sitolo.

Uthe lesi sitolo sakhiwa umkhulu wabo ngoba efuna kube ifa lomndeni wakhe.

Abazali bakhe babedayisa kusona, kuthe sebeshona yena nodadewabo abathathu kwaba ngesabo isitolo.

Kulo R4 000 abaqashisa ngawo isitolo bahlukanis­elana nodadewabo.

“Phambilini sebeke basicekela phansi abantu isitolo kodwa sasivusa.

“Kulokhu sishe kakhulu, angazi noma sizokwazi yini ukusilungi­sa ngoba izindonga zilimele,” kusho uNksz Mngadi.

Kuthintwa obeqashe kulesi sitolo ozibize ngoMohamed, isibongo sangathola­kala, uthe ulahlekelw­e kakhulu njengoba kushe lo R300 000 nokudla abezokuday­isa.

“Silindele emaphoyisa ngoba icala livuliwe,” kusho uMohamed ngamafuphi.

Abasolwa abathathu baboshiwe ngoLwesihl­anu ngokusha kwesitolo.

Izolo bavelile eNkantolo yaseNtuzum­a, icala lihlehlele isonto elizayo, uphenyo lusaqhubek­a.

 ??  ?? SISHISWE sawodloka kanje isitolo obekudayis­a kuso abokufika eMachobeni, eNanda
SISHISWE sawodloka kanje isitolo obekudayis­a kuso abokufika eMachobeni, eNanda
 ?? Izithombe: GCINA NDWALANE ?? SIVALIWE isitolo obekuqashe kuso abokufika kuleli eMachobeni, eNanda, kulandela ukushiswa kwaso
Izithombe: GCINA NDWALANE SIVALIWE isitolo obekuqashe kuso abokufika kuleli eMachobeni, eNanda, kulandela ukushiswa kwaso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa