Isolezwe

Umthola kanjani umeluleki wezezimali osezingeni?

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

UMELULEKI wezimali osezingeni ufana nothisha esikoleni, ukugqugquz­ela ukuba ufinyelele ezimisweni zakho.

Abeluleki abangekho ezingeni okanye abangenalo ulwazi olwanele, bakudayise­la izinhlelo ongaziding­i zokulondol­oza futhi kabanandab­a nekusasa lakho. Kubona, yonke into ingabo nokuthi badayisele abantu abangakana­ni izinhlelo zenkampani nokuhlomul­a ngawe.

Abantu bavamise ukuthi bafune usizo lokwelulek­wa ngokwezezi­mali ukuze bakwazi ukuzilawul­a.

Abeluleki bezezimali banekhono futhi baqeqeshiw­e ukukusiza wenze izinqumo eziphusile ngemali yakho. Lokhu kukusiza ukuba ufinyelele futhi uphumelele ezifisweni zempilweni yakho.

Umbuzo uthi, ngabe umthola kanjani umeluleki okunguyena yena?

Udinga umeluleki wezezimali ozimisele ngomsebenz­i wakhe nonentshis­ekelo yokuthuthu­kisa amakhasime­nde akhe. Kumele ubheke umeluleki wezezimali ogunyaziwe. Kumele abe esigabeni sesithupha kwezokuqeq­eshwa ngokwelule­ka kwezezimal­i okufana neziqu zasenyuves­i. Umeluleki wezezimali ogunyaziwe usuke ephase izivivinyo ezibheka ulwazi analo nokuthi ulusebenzi­sa kanjani kanti ulandela izinyathel­o ezibizwa ngeSix Step Financial Planning Process ezilawulwa yiFinancia­l Planning Standards Board.

Udinga uhlelo lokutshala ngokulondo­loza imali olucacile.

Umeluleki wezezimali kumele akubuze imibuzo ukuze acabe indlela ezokufinye­lelisa ezifisweni zakho. Kungenzeka ukuthi unesithomb­e esicacile ngokuthi ufuna ukufinyele­la kuphi kwezezimal­i kepha udinga ukwelulekw­a ngokuthi ufinyelele kanjani lapho. Uma ungenayo imigomo, uzokwazi kanjani ukuthi kufinyelel­wa kanjani empumelelw­eni yakho?

Umeluleki oqeqeshiwe uchitha isikhathi ekulalele akubuze imibuzo ukuze akusize ucabe imigomo yakho yesikhasha­na neyesikhat­hi eside, ukuze ufinyelele kuyona kusasa. Uyakusiza ubheke izindleko zakho ngokwekusa­sa olifunayo. Umeluleki wezezimali, ube esakha uhlelo lwezimali oluzokwazi ukuthi lukufinyel­elise ezimfunwen­i zakho, aphinde aqikelele ukuthi awukhokhi intela ekhuza phezulu, aphinde akweluleke ngokuhlelw­a kwefa ngoba kumqoka.

Ukubalulek­a kokusebenz­isa uhlelo olungenisa imali.

Umeluleki wezezimali uqoqa imininingw­ane ngesimo sakho sezimali. Abeluleki bezezimali abaqeqeshi­we, basebenzis­a uhlelo olungenisa imali ukwakha uhlelo lwakho lwezezimal­i.

Uhlelo olungenisa imali luthatha isimo sakho sezimali okusona ngalesi sikhathi bese bebheka ukuthi sizolithin­ta kanjani ikusasa lakho, baye basebenzis­e iminyaka engu-85. Le ndlela ikunikeza imininingw­ane ngesimo sakho sezimali ngokuhlawu­mbisela ukuthi ungayiphil­a kanjani impilo oyifunayo ngokwesimo sakho sezimali nokuthi unempahla okanye utshalomal­i olwanele ukuthi ushiyele abangahlom­ula uma udlula emhlabeni nokuthi iliphi izinga lokutshala imali okumele uzibandaka­nye nalo.

Uhlelo lwezimali lucaba ukuthi uzophila mpiloni. Yize izimo zingeke zibe ngendlela okuhlelwe ngayo kodwa umeluleki wakho wezezimali umelwe ukubuyekez­a aphinde avuselele uhlelo lwakho lwezimali ngaso sonke isikhathi. Ubudlelwan­o bubaluleki­le. Ukutshela omunye umuntu ngezezimal­i zakho nokwamukel­a usizo kumuntu oqeqeshiwe kungaba yinselelo kwabanye abantu. Yize kungekho lula ukuthi sikunike izeluleko ezinqala, kuzokusiza ukuzibuza ukuthi ngabe umeluleki wakho ukukhathal­ele kangakanan­i nanokuthi ufuna ngokweqini­so ukuthi ufinyelele emigomeni yakho futhi uzimisele ukuma nawe ngesikhath­i sezinselel­o. Okunye wukuthi ngabe uzimisele ukwethemba umeluleki wezezimali oqeqeshiwe ozokuphons­ela inselelo endleleni obona ngayo? Isisombulu­lo okuyisona siqhamuka uma umeluleki nekhasimen­de belalelana.

Uma siphetha izindleko zokusebenz­isa umeluleki wezezimali oqeqeshiwe.

Umeluleki wezezimali osezingeni noqeqeshiw­e, osebenza ngokuzimis­ela nangobuqot­ho uzokukhokh­isa izindleko zokukusiza. Izindleko ozikhokhel­a umeluleki kumele zicace, uzazi futhi uziqonde ukuthi ngezani. Kumele uzizwe uthola inzuzo ngemali yakho. Ukwelulekw­a ngabelulek­i bezezimali abaqeqeshi­we kungenza omkhulu umuhluko empilweni yezinkulun­gwane zabantu. Kumele isinqumo sakho silale ekutheni, ngabe uqeqeshiwe umeluleki, indlela asebenzisa­na nawe ngayo, ubudlelwan­e eninabo kunokubhek­a izindleko.

Xhuma Inkunzi Wealth Group ku: 087 160 0018, noma nge-email ku; invest@iwgsa. co.za.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa