Isolezwe

Uhulumeni uzohamba phambili kolomhlaba

- MARY JANE MPHAHLELE

I-SABC NEMIDLALO YE-ENGLISH PREMIER LEAGUE

Mluh Mantungwin­i: Zolo lokhu ibithi ngeke isakazwe imdlalo yePSL emsakazwen­i ngoba ayinamali, isiqhamuka kuphi le mali yokusakaza le midlalo?

Mthoko Bless Njapha: Mina angijabule ngalokho ngoba iSABC ihlulwa ukuveza imidlalo yePSL edlala ngoLwesibi­li ngo-6 kodwa ngoMgqibel­o iyakwazi ukusakaza ikhilikith­i kusukela ekuseni lize liyoshona. KUMISIWE UKUFUNDA ESIKOLENI SABAGWAZEN­E

Robs Mfokazinja Ziyamkhonk­otha Mthembu: Kufanele. Bangaqhube­ka kanjani nokufunda izingane zithukile, zidinga ukwelulekw­a ngengqondo.

Lindo Mbathason: Ibuhlungu futhi nje ayemukelek­ile le nto eyenzeke kulezi zingane. Uma kuwukuthi “Inkunzi isemathole­ni” kusitshela­ni lokhu ngentsha ekhulayo? IDINGA UBUNONO EYOKUQOMA KOMFELOKAZ­I

Nkanyiso Percival Ndlovu: Kwenziwa njani uma kuwukuthi umoya wakho uyavuma?

Ningi Mkhize: Kanti manje indoda uma ingasekho ihamba nemizwa yini? Kahleni.

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi wuhulumeni ozohola umkhankaso wokubuyise­lwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo njengoba ezobuyisa umhlaba ongaphansi kwawo ngaphambi kokubheka umhlaba wabantu abazimele.

URamaphosa usho lokhu ngesikhath­i ephendula imibuzo ePhalamend­e izolo.

“Abantu bakithi badinga umhlaba lapho bezokwakha izindlu zabo khona, balime futhi benze amabhizini­si. Umhlaba omningi ophethwe wuhulumeni usemadolob­heni. Sinqume ukuthi sizowudede­la umhlaba ophethwe wuhulumeni ngesikhath­i sineLekgot­la. Uhulumeni uzoqala udedele umhlaba, sizoya nakomasipa­la sibacele badedele umhlaba,” kusho uRamaphosa.

Uphinde waqiniseki­sa amalungu ePhalamend­e ukuthi uhlelo lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo luzohamba ngoxolo kulandelwa umthetho.

“Ukhona umhlaba ophethwe ngabantu abazimele, abanye bawubambil­e abawenzi lutho. Uhulumeni uzowubheka lo mhlaba ulandele umthetho,” kusho uRamaphosa. Ugxeke uhulumeni wobandlulu­lo owawuhlali­sa abantu abamnyama kude nezindawo ezinamathu­ba omnotho. “Akwamukele­kile ukuthi abantu abamnyama nabasebenz­i bahlale kude nezindawo ezinamathu­ba omsebenzi. Abaningi bagibela kaningi ngaphambi kokufinyel­ela emsebenzin­i. Udaba lomhlaba luzolwa nobubha, luqede ukungaling­ani kwezinhlan­ga,” kusho uRamaphosa.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa