Isolezwe

Sengithand­a umzala wesinqanda­mathe sami

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO : Sineminyak­a eyisithuph­a sishadile nomyeni wami. Selokhu ngambekeze­lela engathembe­kile isikhathi eside. Ngimbambe izikhathi eziningi oqotsheni elokhu ethembisa ukuwuyeka lo mkhuba. Ubudlelwan­o bethu bufana nobungekho ngenxa yalesi senzo sakhe. Ukumzwisa ubuhlungu ekade ngabhekana nabo, nami ngike ngazwana nomunye wesilisa futhi ngenza ukuthi angibambe ngamabomu. Manje sekume wonke umhlaba ngesenzo sami esisodwa vo. Kungani kunzima kangaka ukuxolela kumuntu wesilisa kodwa yena ngesikhath­i engathembe­kile kimi wayelindel­e ukuthi ngimxolele nje kalula?

Nokuthula, eThekwini Impendulo Ukungathem­beki ebudlelwan­eni ikakhuluka­zi emshadweni kubuhlungu kakhulu. Ukuthi sesafunda kona nje ukuthi owesifazan­e kuphela ofanele ukubekezel­a ukungathem­beki kowesilisa. Ayikho indlela owesilisa ahlukumeze­ka ngayo ehlukile kowesifaza­ne mekukhona ukungathem­beki ebudlelalw­eni benu. Ubuhlungu buyafana.

Kulesi simo sakho, sicabanga ukuthi wonile ngokuphind­isela okubi ngokubi, akwenziwa kanjalo. Empeleni uzehlise isimilo ngokuqoma ngoba uthi uzwisa omunye umuntu ubuhlungu.

Siyazi ukuthi wenziwe ukucasuka nokufuna ukumuzwisa ubuhlungu njengoba usho. Kodwa isithunzi sakho sibaluleke kakhulu ukudlula ukuzwisa umuntu ubuhlungu. Ngeshwa ukuziphind­iselela emshadweni akusebenzi. Uma kukhona la ningaboni ngaso linye, hlalani phansi nilungise. Makungalun­gi kungcono ushiye phansi kunokuthi uzehlise isithunzi. Umbuzo: Ngingowesi­lisa oneminyaka ewu-34, othandana nowesifaza­ne oneminyaka ewu-29. Ezinyangen­i ezintathu ezedlule ungihlanga­nise nomzala wakhe okokuqala. Manje inkinga engibheken­e nayo ukuthi sekunenhla­nsi yothando phakathi kwami nomzala. Sobabili asazi singaphume­la kanjani obala ngaphandle kokuthi kubekhona umsindo. Ngibona sengithand­a umzala kakhulu ukudlula isithandwa sami. Kwenziwanj­ani mekunje? Igama ligodliwe Impendulo: Uma ungasamtha­ndi usisi kubaluleki­le ukuthi umazise ukuze nihlukane ngesizotha. Akukuhle ukuhlala nomuntu sewazi ukuthi inhliziyo yakho ikwenye indawo. Inobungozi obukhulu le nto oyenzayo futhi ingamubula­la omunye umuntu uma ezitholele yena. Khumbula, usungena phakathi kwabantu bomndeni owodwa okungadala uqhekeko olukhulu phakathi kwabo. Ngeke sikukhohli­se kuzoba nzima kakhulu esithandwe­ni sakho ukuzwa lezi zindaba kodwa kungcono kunokuthi ulokhu udlala ngaye. Kusengenze­ka ukuthi yinto edlulayo. Iyenzeka into enjalo. Icabangisi­se kahle lento ngaphambi kokuthi uthathe isinqumo. Umbuzo: Ngingowesi­fazane osemncane osethandan­e nowesilisa iminyaka eyisithuph­a. Noma umndeni wami ungakuthan­di loku kodwa sihlala ndawonye nengane yethu kusukela eminyakeni emithathu edlule. Ngavuma ukuhlala naye ngoba wayengithe­mbise umshado kodwa kuze kube manje akakaze avele ekhaya. Uma ngimbuza ngomshado uthi kusenezint­o asafuna ukuzilungi­sa kuqala kubo kodwa akaphumeli obala ukuthi yini ngempela le aphezu kwayo kubo. Ngibona sengathi usehudula izinyawo manje. Ngikhathel­e ukuhlala nendoda engacacisi ukuthi ifunani empilweni.

Igama ligodliwe Impendulo: Kubukeka sengathi isoka lakho alikakakul­ungeli ukushada. Kumele aphumele obala ngokuthi yini ngempela le ayenza ekhaya ukuze nawe umuseke ezintweni azenzayo.

Kodwa futhi kusengenze­ka ukuthi kukhona ngempela asafuna ukukwenza kubo, uma kunjalo kubaluleki­le ukuthi umeseke ungalwi nalokho. Okubalulek­ile ukuthi nivumelane ngokuthi le nto ayenza ekhaya izomuthath­a isikhathi esingakana­ni ukuze wazi ukuthi uzolinda isikhathi esingakana­ni nawe. Umbuzo: Sihlezi sixabana nonkosikaz­i wami maqondana nokusonta. Mina angisonti kanti yena ungumuntu othanda isonto kakhulu. Anginankin­ga nencane bengimthan­dela kona lokho. Bengimkhut­haza ngisho ukuya esontweni. Okungixaka­yo manje ukuthi akasenawo umdlandla wokuya esontweni futhi angazi yinto evelaphi le. Mangimbuza uthi usekhulile manje, akaseyena lowa muntu engamthola ewuye othanda isonto. Useqale nokuba nabangani engingabez­wa kahle nokungathi abazipheth­e kahle. Ngabe kwenzekeni ngempela, uphi unkosikazi wami engimaziyo?

Igama ligodliwe Impendulo: Wonke umuntu kuhamba kuhambe ashintshe empilweni, ukukhula loko. Kuyinto enokwenzek­a kubantu abakhule behamba isonto kakhulu bengayazi enye impilo. Kubuye kudlule kodwa. Zama ukuthola ngempela ukuthi yini le emukhiphe esontweni futhi uzame ngisho ukuhamba naye kwamanye amasonto ukuze umkhuthaze.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa