Sekuyisikhathi sokuthi iPirates ikhohlwe abaqeqeshi bokufika
MHLELI: Uma ngibuka iPirates idlala kuyangicacela ukuthi kuningi okungahambi kahle kuleli qembu engilithanda ngokukhulu ukuzinikela. Mina namanye amaBhakaniya sikhathazekile ngaleli qembu esesizungeze yonke iNingizimu Afrika sililandela ngenxa yothando nje lwebhola.
Anginaso isiqiniseko ngezinsolo enginazo ngokubheda kweqembu kodwa kuphakathi kwezinto ezimbili nje vo. Okokuqala, ngesikhathi iPirates iqeda iminyaka engu-7 ingawini lutho oluyindebe, kwakukhona lo baba obizwa ngoFloyd Mbele esikhundleni sobumenenja.
Lo baba wasiphatha lesi sikhundla kusukela ngo-2003 kwaze kwaba ngu-2009 iPirates ingabhedeli khona okwala. Ayikaze yenze kahle iPirates iphethwe yilo baba.
Ngo-2010 washiya uMbele eqenjini u-Irvin Khoza waqasha uSenzo Mazingisa, iqembu lagila izimanga lawina izindebe eziyisithupha kumasizini amabili nje iqembu ladlala kweyamanqamu izikhawu eziyishumi kumasizini amane lawina izindebe eziyisikhombisa.
Kuthe kusekuhle kusenjalo sezwa sekuthiwa uSenzo useyahamba sekubuya uMbele. USenzo waya kwiPlatinum Stars wafike wawina izindebe ezimbili amasizini elandelana lezi zindebe ezithatha kuyo iPirates, isiphethwe yilo Mbele.
Okwesibili uma ubheka iligi njengamanje, uyabona ukuthi kusukela kusuka endaweni yokuqala kuya kwisishiyagalombili, kukhonya amaqembu aqeqeshwa ngabaqeqeshi balapha ekhaya kuphela, bese kuthi awaseSoweto aqeqeshwa ngabase-Europe, ave edonsa kanzima.
Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi iPirates ikhohlwe abaqeqeshi bangaphandle manje. Uma umbhekisisa kahle lo mqeqeshi okhona, awuyiboni nhlobo into entsha asazoyenzela iPirates usephelelwe ngamaqhinga.
Mhlawumbe kungaba yisu elihle uma bengabuyisa uRoger de Sa no-Eric Tinkler bazotakula lo mkhumbi obukeka uya ngokuya ucwila. Iqiniso lithi abaqeqeshi bangaphandle sebephelelwe yisikhathi ebholeni laseMzansi.