Isolezwe

Sekuyisikh­athi sokuthi iPirates ikhohlwe abaqeqeshi bokufika

-

MHLELI: Uma ngibuka iPirates idlala kuyangicac­ela ukuthi kuningi okungahamb­i kahle kuleli qembu engilithan­da ngokukhulu ukuzinikel­a. Mina namanye amaBhakani­ya sikhathaze­kile ngaleli qembu esesizunge­ze yonke iNingizimu Afrika sililandel­a ngenxa yothando nje lwebhola.

Anginaso isiqinisek­o ngezinsolo enginazo ngokubheda kweqembu kodwa kuphakathi kwezinto ezimbili nje vo. Okokuqala, ngesikhath­i iPirates iqeda iminyaka engu-7 ingawini lutho oluyindebe, kwakukhona lo baba obizwa ngoFloyd Mbele esikhundle­ni sobumenenj­a.

Lo baba wasiphatha lesi sikhundla kusukela ngo-2003 kwaze kwaba ngu-2009 iPirates ingabhedel­i khona okwala. Ayikaze yenze kahle iPirates iphethwe yilo baba.

Ngo-2010 washiya uMbele eqenjini u-Irvin Khoza waqasha uSenzo Mazingisa, iqembu lagila izimanga lawina izindebe eziyisithu­pha kumasizini amabili nje iqembu ladlala kweyamanqa­mu izikhawu eziyishumi kumasizini amane lawina izindebe eziyisikho­mbisa.

Kuthe kusekuhle kusenjalo sezwa sekuthiwa uSenzo useyahamba sekubuya uMbele. USenzo waya kwiPlatinu­m Stars wafike wawina izindebe ezimbili amasizini elandelana lezi zindebe ezithatha kuyo iPirates, isiphethwe yilo Mbele.

Okwesibili uma ubheka iligi njengamanj­e, uyabona ukuthi kusukela kusuka endaweni yokuqala kuya kwisishiya­galombili, kukhonya amaqembu aqeqeshwa ngabaqeqes­hi balapha ekhaya kuphela, bese kuthi awaseSowet­o aqeqeshwa ngabase-Europe, ave edonsa kanzima.

Mhlawumbe sekuyisikh­athi sokuthi iPirates ikhohlwe abaqeqeshi bangaphand­le manje. Uma umbhekisis­a kahle lo mqeqeshi okhona, awuyiboni nhlobo into entsha asazoyenze­la iPirates usephelelw­e ngamaqhing­a.

Mhlawumbe kungaba yisu elihle uma bengabuyis­a uRoger de Sa no-Eric Tinkler bazotakula lo mkhumbi obukeka uya ngokuya ucwila. Iqiniso lithi abaqeqeshi bangaphand­le sebephelel­we yisikhathi ebholeni laseMzansi.

 ??  ?? FLOYD MBELE
FLOYD MBELE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa