Isolezwe

‘Sisayiding­a imikhuleko’

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMNDENI kaSbahle Mpisane, osekuphele amasonto amabili elaliswe esibhedlel­a ngenxa yokulimala engozini yemoto, unxuse abantu ukuthi baqhubeke nokumthand­azela ukuze ezolulama. “Sithanda ukubonga abalandeli bakhe nabantu bakuzona zonke izinkalo ngokuzwela­na futhi nokukhombi­sa ubuntu kuSbahle nasemndeni­ni wakhe,” kusho uyise kaSbahle, uSbu Mpisane. “Sisayiding­a imikhuleko. Ngiyabanxu­sa ukuthi baqhubeke nokuthanda­zela ukululama kwakhe ngoba ngokwenza njalo, imithandaz­o yabo neyethu njengomnde­ni izophendul­wa ngoba uNkulunkul­u muhle ngaso sonke isikhathi.”

USbahle walimala entathakus­a ngo-Agasti 9 ngesikhath­i imoto yakhe iBMW 4 Series Convertibl­e ishayisa isihlahla emgwaqweni uMargaret Mncadi Avenue (Victoria Embankment) eThekwini.

Kwadingeka ukuthi kusetshenz­iswe izindlawu ukuze akhululwe futhi amaphoyisa athi imoto yavutha ngemuva kokushayis­a.

UMpisane uthe indodakazi yakhe isasesimen­i esibucayi kodwa iyalulama.

“Kukhona izimpawu ezithembis­ayo ezivelayo futhi ungena ephuma egunjini lokuhlinzw­a ngenxa yokulimala kanzima. Akakakwazi ukukhuluma namanje kodwa sinethemba futhi sithandaze­la ikusasa elingcono.”

UMpisane uphinde wabonga nabezindab­a ngokuqhube­ka ngokubika ngendondak­azi yakhe.

Kusukela engenile esibhedlel­a uSbahle imiyalezo yokumfisel­a ukululama okusheshay­o ayinamkhaw­ulo. NgeSonto abanye, okubalwa kubo isoka lakhe u-Itumeleng Khune nomngani wakhe uYolanda Sokhela, bebehlange­ne eNyuvesi yaKwaZulu-Natal lapho bebezivoca­voca khona egameni lakhe. Kuphinde kwaba nomkhuleko obuholwa nguMfundis­i uKhaya Mthethwa.

 ??  ?? USABAMBEKI­LE esibhedlel­a uSbahle Mpisane owalimala kanzima engozini yemoto ngo-Agasti 9
USABAMBEKI­LE esibhedlel­a uSbahle Mpisane owalimala kanzima engozini yemoto ngo-Agasti 9
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa