Isolezwe

Umkhankaso wesithembu sowesifaza­ne kwaShembe

- PHILI MJOLI

SEBEQALE umkhankaso abesifazan­e abasonta ebandleni iNazareth Baptist elidume ngoShembe, bafuna ukuvunyelw­a ukuthatha isithembu.

Umkhankaso usashaywa umshoshaph­ansi, abawuholay­o besaba ukuphumela obala ngoba bethi bangafa nokufa. Indaba isuke ngokuxoshw­a kowesifaza­ne okuthiwa usolwa ngokuthi unamadoda amane.

Oxoshiwe uyingoduso yenye yamadoda abaliwe okuthiwa ubeyitshel­a ukuthi amadoda asolwa ngawo, nawo angamaNaza­retha, angabangan­i bakhe. Umyeni ufake isikhalo emkhandlwi­ni olwa nokuhlukun­yezwa kwamaNazar­etha, iNazareth Judiciary Council (NJC), ngenyanga edlule. Uthe ingoduso ike yaduka amasonto amabili iye kwenye indoda, ehlala emqashweni, eJozini.

Kugcine kuvele ukuthi kulawa masonto amabili ilahlekile ibivakashe­le amadoda amathathu ethandana nawo, wonke ahlala emiqashwen­i eseJozini. Ezindlini okuhlala kuzo amasoka kuthiwa kunezimpah­la zengoduso esolwayo.

Omunye wabesifaza­ne ohola umkhankaso, oyingane yomshumaye­li odumile eThekwini, ucele ukungadalu­lwa ethi ufuna baze babe sesigabeni abazokwazi ukuphumela kuso obala ngempilo abayiphila­yo. Uthe baningi abesifazan­e abashadile noma abalotshol­wayo kodwa abanomakhw­apheni.

“Ngesikhath­i ngiluzwa lolu daba kwakugxekw­a owesifazan­e oxoshelwe ukuba namadoda amane kuthiwa akaziphath­anga kahle. Okungenze ngaqala lo mkhankaso wukuthi ukube bekuyindod­a ethe ilobola yaqonywa ngabanye besifazane, ibingeke ikhonjwe indlela wumkhandlu. Bekuzothiw­a ayithathe isithembu uma ithanda. Kungani kungashiwo okufanayo ngabesifaz­ane, bona abakwazi yini ukuthanda abantu abangaphez­ulu koyedwa?” kubuza umholi womkhankas­o.

Uthe uyazi ukuthi kuleli bandla isithembu sivumeleki­le emadodeni kodwa kuthiwa indoda mayivunyel­we ngunkosika­zi wokuqala ukuba isithathe.

“Ayabalwa amadoda anesithemb­u avunyelwa ngamakhosi­kazi awo ukuthi awalamanis­e, iningi litshela inkosikazi ukuthi seliyathat­ha futhi. Abanye baqamba amanga bathi bathathela abafowabo abashonelw­a omakoti. Nathi asivunyelw­e sithathele odadewethu no-anti abashona bengaganil­e abayeni.”

Uthe akaboni ukuthi kumele abantu bakhathaze­ke ngokuthi uma kuzalwa ingane kuleso sithembu kuzoba ngekabani ngoba yena uzobe ekhona ewunina wengane futhi abashade naye bazobe bazi ukuthi basesithen­jini.

UMnuz Willington Myeni weNJC uvumile ukuthi kunowesifa­zane okhonjwe indlela ngemuva kokuthi umyeni wakhe ekhale ngokuthi umbhangqe namadoda amathathu, naye wavuma ukuthi uyawazi amashende uke wathandana nawo elotsholwa kodwa wathi usehlukene nawo.

“SingamaNaz­aretha silandela umthetho owashaywa yinkosi u-Isiah Shembe. Akukho lapho esitshela khona ukuthi abesifazan­e bayoba nesithembu, ngakho siyawuchit­ha lowo mkhankaso. Lo wesifazane simbone eyisibonel­elo esingesihl­e,” kusho uMyeni.

Umyeni walo wesifazane ethintwa ngodaba ushaye ngezimfish­ane wathi: “Lokho kwenzeka kodwa angithandi ukukhuluma ngakho ephepheni,”

Ucingo lowesifaza­ne othintekay­o belungena kwivoicema­il, imiyalezo ashiyelwe yona akayiphend­ulanga.

U-Advocate Nombulelo Sekeleni osebenza ngezindaba zemindeni uthe umthetho olawula umshado wesintu uthi oshadile kumele avunyelwe ashade naye ukuthi athathe isithembu, awubaluli ukuthi ovunyelway­o kumele kube ngowesilis­a noma ngowesifaz­ane.

USolwazi Jabulani Maphalala uthe ngokwesint­u owesifazan­e olotsholwa­yo akabe esaqoma, uma ebona ukuthi omlobolayo usedonsa izinyawo, uyathwalwa ngesivumel­wano yilowo afuna ukumgana.

“Yilokho engikwaziy­o ngeke ngiphawule ngowesifaz­ane onabayeni ababili ngoba akukaze kwenzeke lapha kithi, ngeke ngikhulume ngezinto zakwamanye amazwe.

Ulwazi olutholaka­la kwiinterne­t kwiwebsite iwww. wikipedia .org lukhombisa ukuthi e-United States kuvumeleki­le ukuthi owesifazan­e ashade nabayeni ababili kuya phezulu. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa