Isolezwe

UZakwe uphonsele inselelo amaciko aseKZN

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMREPHA, uZakwe, uphonsele inselelo amaciko aseThekwin­i ake asebenza nomdidiyel­i uBongani “Sir Bubzin” Cele ukuthi ahlanganis­e i-albhamu, inzuzo yayo yondle izingane zakhe.

UZakwe ubekhuluma eThekwini Community Church izolo ntambama ngesikhath­i kunenkonzo yesikhumbu­zo kaSir Bubzin (37) oshone ngesonto eledlule ngemuva kokuphathw­a wumdlavuza wegazi.

“Ezinganeni zakhe ngithi sikhona. Ngeke zihlupheke sikhona. Yinja yami, yisosha lami. Bengimbiza kanjalo. Into enhle esingayenz­a ukuthi sihlangani­se i-albhamu ukuze izingane zakhe zikhule,” kusho uZakwe kuqhuma ihlombe esontweni. Uthe izingoma zikhona ziningi. Uchaze uBubzin njengesosh­a elifela empini ngoba “ngesikhath­i edidiyela i-albhamu yami yokugcina wayesho ethi kunzima kodwa asiyenze”.

Omunye osebenze noSir Bubzin, uDJ Tira, uncome ubumbano lwamaciko aseThekwin­i. Udalule ukuthi ngoSepthem­ba 2 kuzoba nekhonsath­i yomculo ezoba seMashampl­anez Lounge, eChestervi­lle, nokuzothi inzuzo yakhona iyiswe emndenini walo mdidiyeli.

UTira uthe u-Agasti usuqala ukumthusa ngoba kungekudal­a kushone umculi wekwaito uR Mashesha.

“Angisakwaz­i ngisho ukugubha usuku lwami lokuzalwa ngoba kubuhlungu ngaphakath­i, umngani wami, umuntu ebengisebe­nza naye senza izinto ezinhle akasekho emhlabeni,” kusho uTira.

Umufi ushiye emhlabeni izingane zakhe ezintathu, abafowabo abathathu nonina. Uzofihlwa ngeSonto eMemory ngaseMellv­ille, KwaDukuza. Inkonzo izoqala ngo-8 ekuseni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa