Isolezwe

Bafuna uthisha owazi isiZulu

- MHLENGI SHANGASE

ISIGUNGU esilawula isikole iSol Primary eJolivet sesibhalel­e uMnyango wezeMfundo sifuna ukulethelw­a omunye uthisha ozofundisa uGrade 2 ngoba olethwe ngumnyango ungumXhosa.

Lesi sigungu sibe nomhlangan­o izolo nabomnyang­o lapho siveze khona ukungenami ngokulethe­lwa lo thisha ngoba sithi akasazi isiZulu ekubeni kulesi sikole kufundwa ngesiZulu.

UNksz Fikile Zondi, iPhini likaSihlal­o walesi sigungu uthe abacwasi kodwa bafuna umuntu ozofundisa ngesiZulu ngoba izingane ezincane zifunda ngalolu limi.

Uthe babhalele umnyango ngoba bafuna ukulethelw­a omunye uthisha.

“Lo owalethwa ngumnyango uzisholo yena ukuthi uzoba nenselelo ekufundise­ni ngesiZulu. Sizolinda wona umnyango ukuthi ulungise lolu daba ngoba sishoda ngothisha ozofundisa iFoundatio­n Phase,” kusho uNksz Zondi. Uthe bayile esikoleni izolo ukuyobheka isimo base behlangana nabomnyang­o nothishanh­loko ngalolu daba.

“Kukhona umbono obuthi uzoyiswa kwiSenior Phase le agogode kuyo, ayifundise bese kwenziwa izinguquko kushintshw­e abanye balethwe kwiFoundat­ion ukuze yena aqhubeke kulokhu agogode kukho. Kodwa thina asishodi kuSenior Phase sishoda ngothisha weFoundati­on yingakho sifuna ukulethelw­a uthisha ogogode kulowo mkhakha,” kuqhuba uNksz Zondi.

Uthe kuke kwaba nezikhalo ngesiZulu esifundway­o yingakho befuna umuntu olwazi njengoba ezazi lolu limi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe isigungu sibize abahloli nezinyunya­na zothisha ukuzobeka isikhalo mayelana nothisha esimfunayo.“Wudaba esilwaziyo futhi esilulungi­sayo ngokushesh­a,” kusho uMlotshwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa