Isolezwe

Akaxoshwe uKaunda: osomatekis­i

- MLUNGISI GUMEDE

OSOMATEKIS­I bakusosesh­ini iKlipriver, eMnambithi, bafuna uNgqongqos­he wezokuPhep­ha nokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, abamsola ngokuchema embonini yamatekisi, akhonjwe indlela.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini ngoLwesith­athu, uSihlalo kasoseshin­i waseKlipri­ver, uMnuz Bhekuyise Masondo, uthe abasabethe­mbi ubuholi bukaKaunda, wengeza ngokuthi ucheme nezimbangi zabo iSizwe Transport yaseGoli.

“Sinxusa uNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, ukuba aphenye ngezinsolo esinazo ezithi uKaunda uchemile kodwa esikufuna kakhulu wukuthi ashenxe ngoba sekucacile ukuthi umsebenzi uyamehlula,” kusho uMasondo.

Uthe umnyango awumfuni umuntu oyigwala futhi okhohlakel­e.

“Sambuza uKaunda ukuthi yena unjani wathi akagwazelw­a kodwa akazange acacise uma simbuza ukuthi akasilo yini igwala,” kusho uMasondo.

Umkhulumel­i weKliprive­r, uMnuz Mfanafuthi Ndawo, uthe sekuyazwel­a manje ngemuva kokuthi uKaunda ebamisele izimoto.

Ungqongqos­he uqale ukumisa izimoto zethu ngoDisemba ngonyaka odlule, wathi uzimisa izinyanga eziyisithu­pha. NgoJuni uphinde wathi uyaqhubeka nokuzimisa futhi ezinye izinyanga eziyisithu­pha, okusho ukuthi izimoto zethu zizoma unyaka wonke,” kusho uNdawo.

Uthe ezinye izimoto ezikhokhay­o sezidliwe ngenxa yokungaseb­enzi.

“Sithwele kanzima izingane zethu kulo nyaka azizange ziye emanyuvesi ngoba izimoto zethu azisebenzi. Kuyacaca ukuthi nangonyaka ozayo ngeke zifunde,” kusho uNdawo.

Uthe isizathu esenza ukuthi basole uKaunda ngokuchema wukuthi uvale imizila yabo kuphela hhayi eyezimbang­i zabo.

“Thina sibanga umzila neSizwe Transpot kuphela kodwa asisakwazi ukuhambela amanye amadolobha esingenank­inga nawo,” kusho uNdawo.

Lolu daba lweKlipriv­er neSizwe seluze lwangenelw­a ngisho yizinhlang­ano zamabandla neqembu elisha lezombusaz­we eligxike ekuxazulul­eni izinkinga zaboHlanga, iNational People Ambassador­s (NPA).

UNobhala-jikelele weNPA, uDkt Andile Hlatshwayo, uthe sebebhalel­e uNdunankul­u, uMnuz Willies Mchunu, bemcela ukuba akhiphe uKaunda esikhundle­ni.

“Sikholwa wukuthi ukuba uKaunda uwenza kahle umsebenzi wakhe ngabe abazange bashone abantu abawu11, okukhona kubo nothisha, ngesikhath­i kudutshulw­a iPhini likaSihlal­o weKliprive­r,” kusho uHlatshway­o.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, uphikile ukuthi uKaunda uchemile embonini yamatekisi.

“Ungqongqos­he akasebenzi ngokuchema futhi akanatekis­i. Konke esikwenzay­o sikwenza silandela umthetho,” kusho uNcalane.

Uthe isizathu esenza ukuthi baqhubeke nokuvala imizila wukuthi ososeshini­ni ababangayo banqaba ukusayina isivumelwa­no sokusebenz­isana.

“Labo abakhala ngongqongq­oshe bazifunela udumo isidingo singekho,” kusho uNcalane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa