Isolezwe

Inyanga ebulale umakhelwan­e igwetshwe 24 weminyaka

- NONTUTHUKO NGUBANE

IGWETSHWE iminyaka engu-24 inyanga elahlwe ngecala lokubulala umakhelwan­e wayo owayibamba egcekeni inqunu.

UBonginkos­i Gadlaphi Vilakazi (25) ugwetshwe izolo eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu ngecala lokubulala uMnuz Sphelele ‘Bee’ Vilakazi (27).

Lesi sigameko senzeke ngoMashi 5 nonyaka eThafamasi, eKranskop.

Ijaji Pieter Bezuidenho­ut likhipha isigwebo lithe lizomxolel­a lo mbulali lingamnike­zi udilikajel­e.

“Isigwebo esisemthet­hweni secala lokubulala kuhleliwe ngokomthet­ho wakuleli, udilikajel­e kodwa wena ngabe akubona ubulungisw­a ukukugweba udilikajel­e ngoba kuyavela ebufakazin­i obusenkant­olo ukuthi lokho wakwenzisw­a ukudinwa nokuthathe­la phezulu izinto kulandela ingxabano owaba nayo nomufi. Yize kunjalo kumele uhlale isikhathi eside ejele ukuze ufunde ukuthi ukubulala umuntu icala elibi,” kusho uBezuidenh­out.

Ugwebe lo mbulali iminyaka engu-20 ngecala lokubulala nemine ngelesibha­mu esingekho emthethwen­i. Le minyaka uzoyidonsa kanye kanye.

Ijaji lithe ukuba namakhosik­azi amabili, izingane nokusebenz­a njengenyan­ga elaphayo emphakathi­ni kwakumele kumenze acabange kangcono kunalokhu akwenza.

“Kuzokusiza ukuhlumule­liswa kwesimilo sakho ukwazi nokuzibamb­a uma udiniwe,” kusho uBezuidenh­out.

Ngokobufak­azi obusenkant­olo umbulali wabanjwa wumufi enqunu emzini wakubo. Wabaleka umbulali. Ngakusasa wahlangana nomufi komunye umcimbi, balwa wahlulwa umbulali. Balanyulwa babe sebehlukan­a. Ngosuku olulandela­yo umufi esesitolo kwafika umbulali ehlome ngesibhamu wamdubula kathathu kubuka umphakathi. Umbulali wabaleka endaweni yesigameko. Waboshwa amaphoyisa, icala laqulwa laze lamlahla.

Umfowabo omdala kamufi, uMnuz Khulekani Nduli uthe yize bejabule ngesigwebo kodwa ngeke simbuyise umfowabo.

“Okubuhlung­u ukuthi uzohlala ejele bese eyaphuma aqhubeke nempilo umbulali. Thina salahlekel­wa umfowethu, ngeke esavuka. Le nyanga yayivele isisongela ukuthi izohlala ejele bese iyabuya. Asazi uma isibuya iyowenzani umndeni wethu njengoba umsuka wale nkinga kwaba ukufika kwayo ekhaya inqunu. Asazi yayizokwen­zani ebusuku. Asikholwa ukuthi siphephile,” kusho uNduli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa