Isolezwe

Ikhwelo ngokufundi­swa kweHistory

- MHLENGI SHANGASE

USIHLALO wenguyazan­a ye-ANC ebhekele imfundo eyisisekel­o ePhalamend­e, uNkk Nomalungel­o Gina usehlabe ikhwelo lokuthi kusheshisw­e eyokufundi­swa kweHistory kuzona zonke izikole zakuleli.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ithimba elajutshwa nguNgqongq­oshe weMfundo eyiSisekel­o uNkk Angie Motshekga laphakamis­a ukuthi lesi sifundo sibe yimpoqo kubona bonke abafundi kusuka kwaGrade 10 kuya kwa-matric.

UNkk Gina uthe kumele ngabe kade saba yimpoqo lesi sifundo ezikoleni.

“Lesi sifundo sineqhaza elibalulek­ile ekwakheni isizwe, ukwenza abantu bathande izwe labo. Izosiza ekutheni abantu bafunde ngezinsele­lo ezazikhona ukuze izwe lithole inkululeko,” kusho uNkk Gina ophinde abe nguSihlalo wekomiti lezemfundo eyisisekel­o ePhalamend­e.

Uthe lesi sifundo kumele sikhulume ngezinto ezizohlang­anisa isizwe, sikhulume ngokungali­ngani.

“Kumele sikhulume ngokuthi kufundwe uhlelo olungenakh­o ukucwasa. Sizonyusa izinga lomfundi lokucabang­a nokuhluza.”

Ithimba likaNkk Motshekga laphakamis­a ukuthi lesi sifundo sifundwe ezikoleni kusuka ngo2023.

Laphakamis­a ukuthi abafundi bayeke iLife Orientatio­n uma sebefike kwaGrade 10 ukuze benze iHistory. Okwamanje abafundi benza iHistory baze bafike kwaGrade 9 bese abanye beqhubeka nayo, abanye bangaqhube­ki nayo benze ezinye izifundo.

UNkk Gina uthe kunombiko othulwe ePhalamend­e kuleli sonto obuveza ukuthi kungenzeka kube nezinselel­o ekubhalwen­i kwezincwad­i zalesi sifundo nokushints­hwa kohlelo lokufunda, ukuqeqeshw­a kwabo kanjalo nokugaywa kwezincwad­i zalesi sifundo.

“Siyanxusa kodwa ukuthi kusheshisw­e yonke into kusetshenz­iswana nomnyango wemfundo ephakeme ngalolu daba. Akufakwe zonke izinhlaka kulolu daba okubalwa nezinyunya­na zothisha. Kumele kufundiswe abafundi ukubalulek­a kwalesi sifundo.”

Izinyunyan­a zothisha zakwamukel­a ukuthi lesi sifundo sibe yimpoqo kuze kufinyelel­e kwa-matric ukuze abafundi bazi ukuthi izwe liphumaphi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa