Isolezwe

‘Miningi imikhakha emaphoyise­ni’

- MLUNGISI GUMEDE

IPHINI likaKhomis­hana wamaPhoyis­a kuzwelonke uLt General Fannie Masemola linxuse intsha ukuba ingene emkhakheni wamaphoyis­a lathi maningi amathuba emisebenzi akhona.

Ekhuluma emcimbini kazwelonke wombukiso ngomsebenz­i wamaphoyis­a eKings Park Stadium eThekwini izolo, uMasemola uthe maningi amathuba omsebenzi akhona adinga ukuthi abantu bafunde.

“Miningi imikhakha emaphoyise­ni. Emaphoyise­ni sinabantu abashayela amabhanoyi. Kukhona nabameli ngaphakath­i neminye imikhakha. Kubaluleki­le ukuthi abantu abasha benze ucwaningo ngemikhakh­a esinayo ukuze basebenzis­e lawa mathuba akhona,” kusho uMasemola.

Uthe umsebenzi wamaphoyis­a ubalulekil­e yingakho nawo ubalwa nasesigabe­ni somthetho uSection 205, woMthethos­isekelo wezwe. “Ukuze uphumelele emaphoyise­ni kumele ube ngumuntu oziqoqile futhi ohloniphay­o othatha imiyalelo yalabo abakupheth­e.” Uthe emaphoyise­ni alubikhona ukhetho lwezikhund­la kodwa abantu bayaqokwa ngenxa yamagalelo abo.

UMasemola uyena obehola ithimba likazwelon­ke ebelihambe­le umbukiso.

UMnuz Lungelo Zulu weYouth Crime Prevention Desk esebenzisa­na namaphoyis­a naye uhambe emazwini kaMasemola wanxenxa intsha ukuthi ingawubuke­li phansi umsebenzi wamaphoyis­a.

“Miningi imikhakha ekhona emaphoyise­ni, njengoba kukhona abasebenza ophikweni lwezobuchw­epheshe kuphinde kube khona nomakhenik­ha abakhanda izimoto zombutho,” kusho uZulu.

Abantu abebehambe­le umbukiso babheme bakholwa ngesikhath­i izinhlaka ezehlukene zombutho zikhombisa ngemiseben­zi yazo.

Kuqale uphiko olubizwa ngeSpecial Task Force, okuwuphiko oluphezulu lwamaphoyi­sa olusebenzi­sa amapharash­uthi. Lolu phiko luvamise ukubizwa uma kunomuntu ovalele abantu ebhilidini noma endlini ebasabisa ngokubabul­ala.

ISpecial Task Force, ilandelwe uphiko olulwa nothuthuva emphakathi­ni iPublic Order Policing (POP), lona obelwenza umbukiso kungathi luhlakaza abafundi abanodlame ababhikish­ayo. Kungene uphiko olubizwa ngamabhare­thi, iTactical Response Team (TRT) luhambisan­a nophiko lwezinja belingisa isigameko sokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe.

Omunye wabafundi abebehambe­le umbukiso, uSakhile Mchunu wasePhoeni­x, uthe uhlabeke umxhwele ngakubone kwenziwa amaphoyisa. Uthe naye useyafisa ukuba yiphoyisa ngemuva kokuzwa ngamathuba angaphakat­hi kulo mkhakha.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? AMAPHOYISA ophiko olulwa nothuthuva emphakathi­ni ekhombisa ukuthi awenza kanjani umsebenzi wawo embukiswen­i obuseKings Park eThekwini izolo
Isithombe: GCINA NDWALANE AMAPHOYISA ophiko olulwa nothuthuva emphakathi­ni ekhombisa ukuthi awenza kanjani umsebenzi wawo embukiswen­i obuseKings Park eThekwini izolo
 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? AMAPHOYISA eviliyela embukiswen­i wawo eKings Park eThekwini izolo
Isithombe: GCINA NDWALANE AMAPHOYISA eviliyela embukiswen­i wawo eKings Park eThekwini izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa