Isolezwe

Babuyela enkantolo abasolwa ngokubulal­a eNquthu

- INTATHELI YESOLEZWE

BAZOBUYELA namuhla eNkantolo yeMantshi eNquthu abamangale­lwa ababili ababoshelw­e icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Abamangale­lwa abaneminya­ka engu-35 no-43 bavele enkantolo ngoLwesith­athu icala labo lahlehlise­lwa inamuhla ukuze bafake isicelo sebheyili. Babhekene namacala amane okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe omunye wabasolwa uboshwe ngoLwesibi­li eNquthu kwathi owesibili wazinikela esiteshini samaphoyis­a ngoLwesith­athu ekuseni.

Basolwa ngokubulal­a oMnuz Philani Mabaso (32) owabe enguSihlal­o we-IFP egatsheni laseJabavu, Nhlakaniph­o Msomi (25) owayengums­hana kaMabaso, Simphiwe Dlamini (30) owayenguma­khelwane noMuzikayi­se “Nkomo” Zulu (25) waseVryhei­d, owayengumn­gani kaMabaso. Kulesi sehlo kwasinda unina kaMabaso.

Kuthiwa kusolwa ukuthi abasolwa babanjiswe yiselula kaMabaso, eyasala emotweni ngesikhath­i bebulawa.

Kulesi sigameko kuthiwa abasolwa bahlangana nemoto kaMabaso , bafica phakathi uZulu, uDlamini noMsomi.

Kuthiwa babehambis­e itende komunye umuzi owawunomci­mbi njengoba uMabaso ebeqashisa ngamatende.

Kuvela ukuthi abasolwa bafika emotweni badubula laba abathathu emakhanda bebalalise phansi.

Kuthiwa basuka lapho bahamba ngemoto kaMabaso baya kubo bafike badubula unina ethangeni, badubula uMabaso ekhanda ngezinhlam­vu ezintathu babaleka

Kuvela ukuthi omunye wabamangal­elwa wakhohlwa iselula emotweni kaMabaso okuyiyo elekelele uphenyo lwamaphoyi­sa.

UNksz Mbali Mabaso womndeni uthe bazizwa belapheka emoyeni ngokwenziw­e amaphoyisa.

Uncome umsebenzi wabaphenyi baleli cala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa