Isolezwe

Idinga ukujulelwa eyokuhlase­lwa kwabokufik­a

-

SIYENQABA ukuphela isihlava sokucwasa nodlame lokuhlasel­wa kwabokufik­a. Zilokhu ziba khona futhi sizibika izigameko zokucwaswa nokuhlasel­wa kwabo. Esakamuva okube ngesaseNan­da lapho kushiswe khona isitolo sabadabuka eSomalia asebezinze kuleli bavula nebhizinis­i.

Ngokuthola kwephephan­daba, abahlasele bashisa kulesi sitolo bebekhala ngokuthi ibhizinisi liwisa amanye ngoba kushibhe kakhulu abakudayis­ayo.

Naseminyak­eni eyedlule, ngenkathi kubheduka udlame lokuhlasel­wa kwabokufik­a, isizathu esasizwaka­la kwakungeso­kuthi baqeda imisebenzi ngoba bayavuma ukuqashwa ngemali encane kakhulu.

Le nkinga yokuhlasel­wa kwabokufik­a idinga uhulumeni ayibhekisi­se futhi ajule ngoba ayivumi ukuphela.

Udlame, noma lwaluphi uhlobo, alwamukele­kile futhi abenzi balo kudingeka bajeziswe noma ngabe bakuliphi izinga.

Kubaluleki­le futhi nokuqwashi­sa abantu bakuleli ngokucwasa­na, ukubekezel­elana nokuhlonip­hana.

Kule nkinga yokuhlasel­wa kwabokufik­a makungabhe­kwa kuphela izigameko zokuhlasel­wa kwabo kepha makujulwe kuxazulule­ke nezimo eziholela ekuhlaselw­eni kwabo.

Uma abantu - okungacaci noma bangosomab­hizinisi yini - bekhala ngamabhizi­nisi nomsebenzi oqedwa ngabokufik­a, kumele izinhlaka ezithintek­ayo ekuthuthuk­isweni kwamabhizi­nisi kube khona ezikwenzay­o.

Nabo osomabhizi­nisi abakhala ngokuqedel­wa amabhizini­si kumele babhukule babheke ezinye izindlela ezisemthet­hweni zokuncinti­sana.

Sibike ngalesi sigameko nje, sisanda kubika futhi ngemibukis­o yosomabhiz­inisi, ebihlelwe wuMasipala weTheku, ebisemalok­ishini eMlaza naKwaMashu.

Osomabhizi­nisi emalokishi­ni nasemakhay­a abaziseben­zise izinhlaka nezigcawu ezinjengal­ezi ukuzama ukusombulu­la izinselelo ababhekana nazo emabhizini­sini baphinde bazihlomis­e ngazo.

Zikhona nezinye izinto okukhalwa ngazo kwabokufik­a ezihambisa­na nobugebeng­u okudingeka ukuthi nohulumeni aqinise imithetho elawula ukungena kwabantu eNingizimu Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa