Ayinambitheki eyokuthathela umuntu umshwalense wokufa
UMTHETHO wokuqala wokukhava umuntu uthi akufanele umazise ukuthi umkhavile ngoba uphatheka kabi azitshele ukuthi uhlose ukuzuza ngokufa kwakhe. Kangikhathali ngokuthi ungachaza kahle kanjani ngezizathu eziholele ekutheni ukhave umuntu kodwa isiphetho siba sodwa wukuthi umhlolela ngokuthi uzofa. Okwenza abantu abaningi bangakuthandisisi ukukhavwa wukuthi umuntu uthi engakaze akuthengele ngisho uphaqa wodwa lona kodwa achithe imali yakhe ngokukuthengela umshwalense wokuhlelela usuku lomngcwabo wakho.
Okufike kube kubi kakhulu ngalabantu abakhava abantu wukuthi bayabakhetha abantu ababakhavayo emndenini. Uma umuntu ephila impilo eqondile kubonakala ukuthi uziphethe kahle, akuvamile ukuthi akhavwe ngoba kusuke kucaca ukuthi kusazothatha isikhathi ukuthi afe. Uma ungumuntu ophila impilo ebudedengu uphuza utshwala uhamba nasebusuku, kuvamile ukuthi ukhavwe amalungu amaningi omndeni wakho ngoba asuke ebona ukuthi uhamba eduze kwethuna. MaSolezwe kuyiqiniso elingephikwe ukuthi akekho umuntu ongajabulela ukukhava umuntu ongezusheshe ayolusa amadada. Kuyiqiniso ukuthi ujika ucasuke uma ubona umuntu omkhavile engafi ngoba ukuphila kwakhe kusuke kusho ukuhamba kwemali yakho omkhave ngayo.
Bakwethu okaVolos akasho ukuthi uthini kodwa uthi kuyiqiniso ukuthi uma unesihlobo esisembonini yamatekisi ungafikelwa yisilingo sokuthi usikhave ngoba maningi amathuba okuthi sife ngengozi. Ngokunjalo nomuntu onesihlobo esiyisishoshovu sikaKhongolose angangena esilingweni sokuthi asikhave ngesizumbulu semali ngoba asuke emaningi amathuba okuthi singabulawa kubangwa izikhundla. Kuyiqiniso ukuthi ukukhava umuntu kusuke kukhombisa umhobholo wokuthanda imali kodwa inhloso yakho kusuke kuwukuthi kwesuleke izinyembezi uma umuntu esedlulile emhlabeni.
Le ndaba yokukhava umuntu ingakwenza ukuthi uzithole usunengcindezi uma umuntu omkhavile engasafi njengokufisa kwakho. Komunye umuzi abazukulu bakhava uninakhulu ngoba bembona esegula njalo bezitshela ukuthi usezoshona. Kwakuthi uma engeniswe esibhedlela bazitshele ukuthi useyofika aphelele khona. Kuthiwa abazukulu babecasuka kabi uma bezwa ukuthi uninakhulu ukhombisa ukuba ngcono usedla nokudla esibhedlela. Ngokubona ukuthi akafi abazukulu baze bagcina ngokumesula kanti usezoshona bagcina bengazuzanga lutho ngokufa kwakhe.
Indaba yokukhava umuntu akusiyona yodwa eyinkinga, ngisho ukufaka umuntu kumasingwabisane akunambitheki ngoba kwakha isithombe sokuthi umfisela ukufa. Komunye umuzi kwaxatshwana kabi kunomhlangano wondeni kubangwa ukuthi kufanele kujoyinwe umasingcwabisane ngoba ukufa kufika imali ingekho. Amanye amalungu omndeni ayengafuni kuxoxwe ngomasingcwabisane ethi ziningi kabi izinto eziyinqubekela phambili okungakhulunywa ngazo kunokuthi kukhulunywe ngento embi njengokufa. Lokhu kusho ukuthi kungcono umuntu azikhave yena ngenhloso yokuthi kutholakale imali ngokufa kwakhe ngoba akubukeki kahle ukuthi umuntu akhave abantu ngoba efuna ukuthola imali ngokufa kwabo.