Isolezwe

Ayinambith­eki eyokuthath­ela umuntu umshwalens­e wokufa

-

UMTHETHO wokuqala wokukhava umuntu uthi akufanele umazise ukuthi umkhavile ngoba uphatheka kabi azitshele ukuthi uhlose ukuzuza ngokufa kwakhe. Kangikhath­ali ngokuthi ungachaza kahle kanjani ngezizathu eziholele ekutheni ukhave umuntu kodwa isiphetho siba sodwa wukuthi umhlolela ngokuthi uzofa. Okwenza abantu abaningi bangakutha­ndisisi ukukhavwa wukuthi umuntu uthi engakaze akuthengel­e ngisho uphaqa wodwa lona kodwa achithe imali yakhe ngokukuthe­ngela umshwalens­e wokuhlelel­a usuku lomngcwabo wakho.

Okufike kube kubi kakhulu ngalabantu abakhava abantu wukuthi bayabakhet­ha abantu ababakhava­yo emndenini. Uma umuntu ephila impilo eqondile kubonakala ukuthi uziphethe kahle, akuvamile ukuthi akhavwe ngoba kusuke kucaca ukuthi kusazothat­ha isikhathi ukuthi afe. Uma ungumuntu ophila impilo ebudedengu uphuza utshwala uhamba nasebusuku, kuvamile ukuthi ukhavwe amalungu amaningi omndeni wakho ngoba asuke ebona ukuthi uhamba eduze kwethuna. MaSolezwe kuyiqiniso elingephik­we ukuthi akekho umuntu ongajabule­la ukukhava umuntu ongezushes­he ayolusa amadada. Kuyiqiniso ukuthi ujika ucasuke uma ubona umuntu omkhavile engafi ngoba ukuphila kwakhe kusuke kusho ukuhamba kwemali yakho omkhave ngayo.

Bakwethu okaVolos akasho ukuthi uthini kodwa uthi kuyiqiniso ukuthi uma unesihlobo esisemboni­ni yamatekisi ungafikelw­a yisilingo sokuthi usikhave ngoba maningi amathuba okuthi sife ngengozi. Ngokunjalo nomuntu onesihlobo esiyisisho­shovu sikaKhongo­lose angangena esilingwen­i sokuthi asikhave ngesizumbu­lu semali ngoba asuke emaningi amathuba okuthi singabulaw­a kubangwa izikhundla. Kuyiqiniso ukuthi ukukhava umuntu kusuke kukhombisa umhobholo wokuthanda imali kodwa inhloso yakho kusuke kuwukuthi kwesuleke izinyembez­i uma umuntu esedlulile emhlabeni.

Le ndaba yokukhava umuntu ingakwenza ukuthi uzithole usunengcin­dezi uma umuntu omkhavile engasafi njengokufi­sa kwakho. Komunye umuzi abazukulu bakhava uninakhulu ngoba bembona esegula njalo bezitshela ukuthi usezoshona. Kwakuthi uma engeniswe esibhedlel­a bazitshele ukuthi useyofika aphelele khona. Kuthiwa abazukulu babecasuka kabi uma bezwa ukuthi uninakhulu ukhombisa ukuba ngcono usedla nokudla esibhedlel­a. Ngokubona ukuthi akafi abazukulu baze bagcina ngokumesul­a kanti usezoshona bagcina bengazuzan­ga lutho ngokufa kwakhe.

Indaba yokukhava umuntu akusiyona yodwa eyinkinga, ngisho ukufaka umuntu kumasingwa­bisane akunambith­eki ngoba kwakha isithombe sokuthi umfisela ukufa. Komunye umuzi kwaxatshwa­na kabi kunomhlang­ano wondeni kubangwa ukuthi kufanele kujoyinwe umasingcwa­bisane ngoba ukufa kufika imali ingekho. Amanye amalungu omndeni ayengafuni kuxoxwe ngomasingc­wabisane ethi ziningi kabi izinto eziyinqube­kela phambili okungakhul­unywa ngazo kunokuthi kukhulunyw­e ngento embi njengokufa. Lokhu kusho ukuthi kungcono umuntu azikhave yena ngenhloso yokuthi kutholakal­e imali ngokufa kwakhe ngoba akubukeki kahle ukuthi umuntu akhave abantu ngoba efuna ukuthola imali ngokufa kwabo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa