Isolezwe

Ayibhekwe kabusha eyeNgonyam­a Trust

-

MHLELI: Ngithi angiphawul­e ngodaba oseluvezwa ngamanye amakhosi athi awayeseki iNgonyama Trust. Vele ayengekho isungulwa.

Iqiniso lithi kwaba yinkosi ewumshana wakwaZulu ngokwesibo­ngo eyabahlele­la bodwa kwaZulu ezinye izizwe zangaziswa ngaleso sinqumo nenzuzo ezohambisa­na naso.

Ngisho sekwadlula isimo esasiphuth­uma sika-1994, esenza uMntwana wakwaPhind­angene athathe isinqumo noDe Klerk akakaze abuyele emakhosini oselwa amaningi ayekhona emakhulu.

Ayezibusel­a ezindaweni zawo ngokukhulu­leka ngemigomo yawo. Ezinye zalezo zizwe zazinezing­onyama zazo kephake manje singathini ipolitiki yaKwaZulu-Natal ijulile isuka kude nabashana bahlelela ikomalume kuphela.

Lilonke nami ngokwazi umlando nokuhlonip­ha amanye amakhosi omdabu ayekhona kudala endulo bengizoceb­isa ngokuthi ike icutshungu­lwe kabusha le yeNgonyama Trust okuvela ukuthi osomabhizi­nisi lapha eKZN abasebenzi­sa izindawo ezingaphan­si kwayo bakhokha uR90 million ngonyaka oya eSilweni esiphinde sihole ngaphezu kuka R64 million ngonyaka kuhulumeni.

Angilungis­e lapha futhi uMnuz Mncwabe weNFP oke wabhala ngesonto eledlulile uthe iNgonyama Trust yayikhona kudala kusabusa nezingonya­ma uSenzangak­hona noJama. Cha Mhlonishwa wepolitiki kuwuhubhu kabhejane lokho oSenzangak­hona abakaze baba yizingonya­ma. Babengamak­hosi nje futhi ubukhosi obabubunca­ne bukhonza KwaMthethw­a, ngakhoke asingafaki imfundisoz­e. Ubungonyam­a buqale ngeLembe leli lakwaMhlon­go uma siqondisa isiNtu ngoba phela akagcagcan­ga unina uNandi yingakho abakwaMhlo­ngo besafuna ilobolo labo.

Sengisonga ngiphakami­sa ukuthi eyeNgonyam­a Trust ihlaziywe ngoba amakhosi awazange ahlanganye­le isungulwa ukuze ixhaswe. Asingalokh­u sifunda emaphephan­dabeni sekuthiwa iSilo sesizonika abantu abakhele amakhosi amatayitel­a ekubeni amakhosi engabanga yingxenye yaleso sinqumo. Okhathazek­ile

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa