Isolezwe

UHans utshale imbewu edale ukudideka

-

Akukho namunye ophume kuloya mhlangano enombono onjalo ngaphandle kukaHans.

Isinqumo sakhe sokufafaza­na nale mbudane ebhubhisay­o sekudale isimo sempendulw­ano eshubileyo, emiphakath­ini yawo omabili la maqembu nesezinkun­dleni zokuxhuman­a kwemiphaka­thi, kwakhona lokho okuyinto emelene nokubuyisa­na. UHans uphumelele ekutshalen­i imbewu edala ukudideka, intukuthel­o nokuxova.

Wazi kahle ukuthi umlando wodlame nenkoleloz­e okwabhixa ubudlelwan­e phakathi kwe-IFP ne-ANC akukaze kuxazululw­e ngokuphele­le.

Amanxeba adalwa yimpi yabantu eyeqhathwa yi-ANC phakathi kwabalande­li bamaqembu ethu, ngingasayi­phathi-ke eyohuduhud­u lwamanga alo asilandela lokholokho mina ne-IFP imihla namalanga ngenxa yenkoleloz­e yeminyakan­yaka kanye nokudicile­lwa phansi, akukaze kubhekwane nakho ngqo ukuze kusonjulul­we.

Nginxuse uSolufefe uMbhishobh­i omkhulu wamaSheshi ukuba angenelele kulolu daba ngethemba lokuthi kungathola­kala isixazulul­o nami ngisaphila.

Iqiniso yikuthi ngakhulela khona kwi-ANC futhi ngasungula iNkatha ngokuvunye­lwa uMnuz Oliver Tambo ukuze kokheleke umnyakazo wezepoliti­ki ngaphakath­i kwelaseNin­gizimu Afrika emva kokuba i–ANC isivalwe umlomo. Kwaba i-ANC eyazehluka­nisa neNkatha emva kokuba thina sesithe siyawuchit­ha umzabalazo wezikhali kanye nokunswiny­wa kwezomnoth­o ngamazwe ngamazwe.

Indlela abaphendul­a ngayo kulokhu kwehlukana ngemiqondo yezepoliti­ki kwavula elikhulu igebe phakathi kwethu kwagobhoza igazi kwafa izinkulung­wane zabantu, kwadala omkhulu umonakalo ekucabange­ni kwesizwe sakithi. Yilokhuke okusasilel­e ukuba kulungiswe. Umkhankaso wokubuyisa waqalwa kusaphila uMengameli Nelson Mandela, kodwa leyo ndima ayikapheth­wa.

Izwe lakithi liyakuding­a ukupholisw­a kwamanxeba, ukuze sizuze ikusasa lapho okwedlulil­e kungaseyik­uba namandla okusivukel­a. Owenu ngeqiniso. UMntwana Mangosuthu Buthelezi UMENGAMELI WEQEMBU LENKATHA YENKULULEK­O

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa