UHans utshale imbewu edale ukudideka
Akukho namunye ophume kuloya mhlangano enombono onjalo ngaphandle kukaHans.
Isinqumo sakhe sokufafazana nale mbudane ebhubhisayo sekudale isimo sempendulwano eshubileyo, emiphakathini yawo omabili la maqembu nesezinkundleni zokuxhumana kwemiphakathi, kwakhona lokho okuyinto emelene nokubuyisana. UHans uphumelele ekutshaleni imbewu edala ukudideka, intukuthelo nokuxova.
Wazi kahle ukuthi umlando wodlame nenkoleloze okwabhixa ubudlelwane phakathi kwe-IFP ne-ANC akukaze kuxazululwe ngokuphelele.
Amanxeba adalwa yimpi yabantu eyeqhathwa yi-ANC phakathi kwabalandeli bamaqembu ethu, ngingasayiphathi-ke eyohuduhudu lwamanga alo asilandela lokholokho mina ne-IFP imihla namalanga ngenxa yenkoleloze yeminyakanyaka kanye nokudicilelwa phansi, akukaze kubhekwane nakho ngqo ukuze kusonjululwe.
Nginxuse uSolufefe uMbhishobhi omkhulu wamaSheshi ukuba angenelele kulolu daba ngethemba lokuthi kungatholakala isixazululo nami ngisaphila.
Iqiniso yikuthi ngakhulela khona kwi-ANC futhi ngasungula iNkatha ngokuvunyelwa uMnuz Oliver Tambo ukuze kokheleke umnyakazo wezepolitiki ngaphakathi kwelaseNingizimu Afrika emva kokuba i–ANC isivalwe umlomo. Kwaba i-ANC eyazehlukanisa neNkatha emva kokuba thina sesithe siyawuchitha umzabalazo wezikhali kanye nokunswinywa kwezomnotho ngamazwe ngamazwe.
Indlela abaphendula ngayo kulokhu kwehlukana ngemiqondo yezepolitiki kwavula elikhulu igebe phakathi kwethu kwagobhoza igazi kwafa izinkulungwane zabantu, kwadala omkhulu umonakalo ekucabangeni kwesizwe sakithi. Yilokhuke okusasilele ukuba kulungiswe. Umkhankaso wokubuyisa waqalwa kusaphila uMengameli Nelson Mandela, kodwa leyo ndima ayikaphethwa.
Izwe lakithi liyakudinga ukupholiswa kwamanxeba, ukuze sizuze ikusasa lapho okwedlulile kungaseyikuba namandla okusivukela. Owenu ngeqiniso. UMntwana Mangosuthu Buthelezi UMENGAMELI WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO