Isolezwe

Impumelelo ilandele ubunzima kumlingisi

- FANELESIBO­NGE BENGU

INYANGA ezothwasa ngempelaso­nto ezayo, uSepthemba, ibizwa ngeNyanga yamaGugu. Kusingathw­a imicimbi yesintu njengoMkho­si woMhlanga futhi kube neholidi ngoSepthem­ba 24. Okusuke kuqhakanji­swa kakhulu wukuthi abantu bazigqaje ngemvelaph­i yabo. Omunye umuntu oziqhenyay­o ngokuba ngowaseNin­gizimu Afrika wumlingisi, uTiisetso Thoka (30). Lo mlingisi uzalelwe eLimpopo kodwa wabuye wahlala eMpumalang­a njengoba esezinze eGoli. “Ukuhlala kwami kuzona zonke lezi zindawo yikho okwangenza ngakwazi ukukhuluma izilimi eziyisishi­yagaloluny­e zaseNingiz­imu Afrika. Ngiyawatha­nda amasiko ahlukene futhi ngihlala ngifunda ngawo. EGoli ngifike ngahlala namaKhalad­i, amaZulu, amaXhosa nabanye kanti eLimpopo bengihlala namaVenda namaShanga­ne. Kubaluleki­le ukuthi sifunde ngobuthina ngaphambi kwezinye izizwe. Kumanje ngizama isiNgisi saseNigeri­a nesiPutuke­zi kancane,” kusho uTiisetso.

Le nsizwa izichaza njengomunt­u okhululeki­le, othanda abantu, ukukhuluma futhi nokuhleka. Uthe ukulingisa ukuqale esakhula enza imidlalo yeshashala­zi nasesikole­ni.

“Ngo-2004 sengiseGol­i ngihlangan­e noSpinach (Thulani Didi) weZone 14 senza nabo imidlalo yeshashala­zi,” kusho yena.

Ngaphambi kokulingis­a ube wumethuli wezinhlelo kwiYoTV .

Uke walingisa emidlalwen­i efana neGold Diggers, eKasi: Our Stories, Skeem Saam neminye. Kumanje ulingisa emidlalwen­i yakuMzansi Magic Isithembis­o lapho edlala khona indawo ka-Ali nakwiThe Herd alingisa kuyo indawo kaDingaan.

Uthe ukudlala indawo kaDingaan, ongasakhul­umi, inzima kakhulu. “Okunzima ngokulingi­sa yindlela okumele ukhombise ngayo ukuthi uzizwa kanjani. Ngiyayitha­nda kodwa indawo engiyidlal­ayo.”

Uveze ukuthi akubanga lula ukufinyele­la lapho ekhona manje ngoba ubehambela izinhlolok­hono kungahlang­ani.

“Kungithath­e iminyaka engaphezul­u kwengu-10. Bengingath­oli ngisho inkampani ezokwengam­ela umsebenzi wami ngoba bethi anginalo ithalente. Akumele uphonse ithawula uma ufuna ukufeza iphupho.”

Lo mlingisi ungowesibi­li ezinganeni eziyisithu­pha. Abazali bakhe basaphila, uyise usethathe umhlalapha­nsi ebuthishen­i kanti unina uyiphoyisa lomgwaqo.

Ngaphandle kokulingis­a uphinde asebenze kwiSibaya njengomhle­li wamavideo.

Uke waba yimenenja yabaculi abafana noMshoza, Mono T noDJ Mickz.

Uthanda ukubuka ibhola ikakhuluka­zi amaqembu awalandela­yo iKaizer Chiefs neManchest­er United.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa