Isolezwe

IMalini ifuna ukusabalal­ela emazweni ase-Afrika manje

- FANELESIBO­NGE BENGU

SELIFUNA ukungenisa emazweni angaphandl­e kwaseNingi­zimu Afrika iqembu le-Afro Pop eselinemin­yaka likhona, iMalini.

Leli qembu libunjwe nguMdu Ntombela noToffo Goge. Imalini, ezakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo Ucingo, Balele, Jikelele nezinye, likhiphe ingoma entsha ethi Malay’sha epike kuyo umculi we-kwaito uProfessor nowaseZimb­abwe uLyonel.

“Ngokuseben­za kwethu nomculi wangaphand­le yingoba sivula amaphiko, siyasabala­la. Asifuni ukuba ngaphakath­i

kwemingcel­e yaseNingiz­imu Afrika kuphela kodwa sifuna basijwayel­e nangaphand­le. ESwazini bayasazi manje sifuna basijwayel­e naseZimbab­we. Okuhle ngeZimbabw­e wukuthi bayabazi nabahleli bemicimbi bakwamanye amazwe, kuzoba lula,” kusho uMdu. Uthe le ngoma izoba kwi-albhamu yabo entsha ethi Injabulo asebeqedil­e ukuyenza. “Siyiqambe ngokuthi yinjabulo ngoba sijabule ngendlela eyenzeke ngayo. UProfessor wathi uyakholelw­a kithi wathi asisebenzi­se istudiyo sakhe siqophe ungaze ufe umculo weMalini. Manje i-albhamu isiphelile, iProper Files (inkampani kaProfesso­r abaqopha kuyo) isingameme­zela noma yinini ukuthi iphuma nini,” kuchaza uMdu. Bazokhipha le albhamu nje, selokhu bagcina ngo-2012 nge-albhamu ethi Balele. Ngonyaka odlule bakhiphe ingoma ethi Baby Yo. “Uma uya estudiyo kumele uye uzilungise­lele kahle. Thina besingekho isidingo sokuxhamaz­ela ngoba umculo wethu awusheshe uphuphe. Siwunika isikhathi ukuthi ungene kubantu ngaphambi kokwenza enye i-albhamu.”

 ??  ?? UMLINGISI uTiisetso Thoka unephupho lokudlala emafilimin­i
UMLINGISI uTiisetso Thoka unephupho lokudlala emafilimin­i
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa