Isolezwe

Waneliseki­le ngasekufun­de kowengqeph­u

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUSHO lukhulu kuye ukufinyele­la kulesi sigaba asekuso ohlelweni lwemfashin­i, iProject Runway, uSandile Mlambo (39), wakwaSomkh­ele eMtubatuba. USandile usethimben­i labayisith­upha abasele kulolu hlelo. Selokhu lwaqala umsebenzi wakhe awukhombis­ayo uwahlaba umxhwele amajaji. USandile ekhuluma neSolezwe uthe, uthando lwemfashin­i lwaqala kudala esafunda eNatal Technikon, esiyaziwa ngeDUT. “Ngangijway­ele ukuthunga amabhulukw­e ngesandla ngiwaqede futhi abe mahle. Ngaya ekhaya ngiqeda ukufunda ngafike ngaqhubeka nokuthunga. Umama wabona kodwa wangayikho­lwa into engangiyen­za wagcina ngokungini­ka umshini wakhe wathi ngiwuseben­zise,” kuchaza uSandile. Uthe lo mshini wahamba nawo amadolobha ahlukene amakhulu kuleli ayehlala kuwo ewusebenzi­sa. “Ngaze ngavula indawo yami ngiwuseben­zisa. Baqala ukungazi abantu bafuna ukuthi ngibathung­ele ngenxa yokuthi igama ngase ngizakheli­le. Ngo-2005, ngathola indawo engangiseb­enzela kuyo futhi ngakhangis­a ngezimpahl­a zami emicimbini okukhona kuyo iSA Fashion Week, Fashion on the Sea neminye imicimbi kuleli,” kuchaza yena.

Uthe into emenze wangenela iProject Runway, ukuzethemb­a akade enakho.

“Ukungawini kwami kulolu hlelo ngeke kungiphath­e kabi njengoba sengenze okuningi kulo, abantu bawubona umsebenzi wami. Ziningi izinto engizifund­ile njengoba kukhona izinto esiziseben­zisayo ebengingaz­azi kodwa ngafike ngazithola kulo. Izinhlelo ezifana nalolu, ziyasiza kakhulu futhi ngiyanxusa ukuthi ziqhubeke ngoba zingafeza amaphupho abaningi,” kuchaza uSandile.

Uthe uyaziqheny­a ngezinto asezenzile empilweni ezithinta imfashini futhi akasabheki emuva, usebheke phambili ekutheni akhule.

Osaziwayo aseke wabagqokis­a uSandile uthe kukhona uZonke Dikana, Cici, Kuli Roberts, Thuso Mbedu noLinda Mtoba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa