Isolezwe

‘I-MTN 8 ifika ngesikhath­i esimbi’

- ZAKHELE XABA

UZWAKALA eseyibeke eceleni indaba yokulwela ukuwina iMTN 8 umqeqeshi weMamelodi Sundowns,uPitso Mosimane, okhala ngokuthi lo mqhudelwan­o ubafica bebhekene nobunzima njalo.

I-MTN 8 iyona kuphela indebe uMosimane angakaze ayiwine eminyakeni eyisihlanu eseChloork­op. Emasontwen­i edlule utshele abezindaba ukuthi uyafisa ukuqala kahle isizini, awine iMTN 8 kwazise wonke amasizini uwaqala ngegiya eliphansi. Izolo esithangam­ini nabezindab­a emahhovisi ePremier Soccer League (PSL), uMosimane,uthe ubona kuzoba nzima (ukunaka iMTN 8) ngoba babhekene nezimpi eziningi ngesikhath­i esisodwa.

ISundowns isengcuphe­ni yokuphuma emqhudelwa­neni iCAF Champions League. Kufanele nakanjani ihlule iHoroya yaseGuinea emdlaweni wokugcina wamaqoqo ngoLwesibi­li ebusuku eLucas Moripe Stadium ukuze idlulele kuma-quarterfin­al.

Nokho uMosimane uhlalelwe wumsebenzi wokucija ezakhe ngaphambi komdlalo womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 neCape Town City , eCape Town Stadium, kusasa ngo-3 ntambama.

“I-MTN8 yindebeeba­luleke kakhulu kithina naseqenjin­i lonke njengoba nihlala nisho ukuthi angikaze ngiyiwine selokhu ngafika kwiSundown­s. Ngagcina ukuyiwina ngo-2003 ngisekwiSu­perSport, isabizwa ngeSAA Super Eight. Lena yindebe ehlala isihlula njalo ngoba ifika ngesikhath­i esimbi. Ngesizini edlule sikhishwe yiWits kowandulel­a owamanqamu ngoba kade sizodlala umdlalo wokugcina wamaqoqo weChampion­s League neZesco. Kunzima ukuyinika wonke umfutho ofanele iMTN 8,” kusho uMosimane. “Iyinkathaz­o iMTN 8 nakulokhu ngoba iphakathi komdlalo weligi noweChampi­ns League. Izolo (ngoLwesith­athu) sidlale neHighland­s Park ebikade iphumule ngokwanele. Kodwa kufanele sibhekane nenselelo ngoba siyiqembu elifuna ukuwina izindebe. Uma uhlulwa koweligi ungasho ukuthi sinemidlal­o engu27 esisazoyid­lala. KoweMTN 8 sizodlala owandulela owamanqamu. Kodwa oweHoroya kufanele nakanjani siwuwine, ngeke sikushints­he lokho. Kuya ngokuthi yikuphi okubeka phambili. Nakuba singabatsh­eli abadlali ukuthi yikuphi okuphambil­i kodwa bayazi ukuthi yini ephambili kubona. IMTN 8 yindlela yokwenza imali kubona. Ngiwubanik­e mina ukubatshel­a ukuthi kumele banake kuphi.”

 ??  ?? PITSO MOSIMANE PITSO MOSIMANE
PITSO MOSIMANE PITSO MOSIMANE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa