‘I-MTN 8 ifika ngesikhathi esimbi’
UZWAKALA eseyibeke eceleni indaba yokulwela ukuwina iMTN 8 umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, okhala ngokuthi lo mqhudelwano ubafica bebhekene nobunzima njalo.
I-MTN 8 iyona kuphela indebe uMosimane angakaze ayiwine eminyakeni eyisihlanu eseChloorkop. Emasontweni edlule utshele abezindaba ukuthi uyafisa ukuqala kahle isizini, awine iMTN 8 kwazise wonke amasizini uwaqala ngegiya eliphansi. Izolo esithangamini nabezindaba emahhovisi ePremier Soccer League (PSL), uMosimane, uthe ubona kuzoba nzima (ukunaka iMTN 8) ngoba babhekene nezimpi eziningi ngesikhathi esisodwa.
ISundowns isengcupheni yokuphuma emqhudelwaneni iCAF Champions League. Kufanele nakanjani ihlule iHoroya yaseGuinea emdlaweni wokugcina wamaqoqo ngoLwesibili ebusuku eLucas Moripe Stadium ukuze idlulele kuma-quarterfinal.
Nokho uMosimane uhlalelwe wumsebenzi wokucija ezakhe ngaphambi komdlalo womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 neCape Town City , eCape Town Stadium, kusasa ngo-3 ntambama.
“I-MTN8 yindebe ebaluleke kakhulu kithina naseqenjini lonke njengoba nihlala nisho ukuthi angikaze ngiyiwine selokhu ngafika kwiSundowns. Ngagcina ukuyiwina ngo-2003 ngisekwiSuperSport, isabizwa ngeSAA Super Eight. Lena yindebe ehlala isihlula njalo ngoba ifika ngesikhathi esimbi. Ngesizini edlule sikhishwe yiWits kowandulela owamanqamu ngoba kade sizodlala umdlalo wokugcina wamaqoqo weChampions League neZesco. Kunzima ukuyinika wonke umfutho ofanele iMTN 8,” kusho uMosimane. “Iyinkathazo iMTN 8 nakulokhu ngoba iphakathi komdlalo weligi noweChampins League. Izolo (ngoLwesithathu) sidlale neHighlands Park ebikade iphumule ngokwanele. Kodwa kufanele sibhekane nenselelo ngoba siyiqembu elifuna ukuwina izindebe. Uma uhlulwa koweligi ungasho ukuthi sinemidlalo engu27 esisazoyidlala. KoweMTN 8 sizodlala owandulela owamanqamu. Kodwa oweHoroya kufanele nakanjani siwuwine, ngeke sikushintshe lokho. Kuya ngokuthi yikuphi okubeka phambili. Nakuba singabatsheli abadlali ukuthi yikuphi okuphambili kodwa bayazi ukuthi yini ephambili kubona. IMTN 8 yindlela yokwenza imali kubona. Ngiwubanike mina ukubatshela ukuthi kumele banake kuphi.”