Isolezwe

I-Megane R.S ishaya ngenjini entsha

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: RENAULT MEGANE R.S

NGAPHANDLE kokulokhu sithemelez­a sikhuluma ngezinto ezingathi shu noma okumele ngabe sigcina ngazo, asivele sihlale endabeni ofuna ukuyizwa, amandla enjini ngoba phela lena yiMegane yejubane.

IMegane R.S ishaya ngenjini entsha engu1.8 litre eneturbo efuqa amandla angu-205 kW netorque engu-390 Nm. Lokhu kuyenza ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­na engu-5.8.

Ugearbox wayo unamagiya ayisithuph­a futhi uyashintsh­wa kodwa kulabo abafuna umshini ozishintsh­ayo kukhona i-EDC nayo enamagiya ayisithuph­a. Uma uthanda uyakwazi ukuzishint­shela wena kumapaddle shift ngemuva kwesiterin­gi.

IMegane entsha ihlukene ngezinhlob­o ezimbili okuyiCUP Manual okuyiyo eshintshwa­yo neLUX EDC ezishintsh­ayo.

Indlela ebukeka ngayo kuyacaca ukuthi akusiyo iMegane eyejwayele­kile ngoba yona isporty kakhulu. Bayenze yakhasa phansi ngo-5 mm uma uyiqhathan­isa neMegane GT futhi yona ithe ukuba banzi kancane. Amasondo ayo anamarimu aphakathi kuka-18 (kwiLUX) no-19 inch (kwiCUP) futhi kulunguza ama Brembo brake callipers abomvu kwiCUP.

Ngaphambil­i ishaya nge air-intake evulekile futhi inamaLED lights ami njengoC njengeziny­e izimoto zakwabo kanjalo namfog lights amise okukaC ngezansi. Ngemuva ishaya ngenqawe enkulu phakathi nendawo ekhipha umsindo wodumo othi “vrrrr pha” bese ibe ne-diffuser. Okunye okwengeza ubuhle bayo yimibala egqamile emzimbeni okungosawo­lintshi uTonic Orange nophuzi uSirius Yellow. Sigudla edolobheni ePort Elizabeth ibiwadonsa amehlo.

Uma ungena ngaphakath­i uhlala kumaAlcant­ara Sports seats ngaphambli bese kugima izitishi ezibomvu. Ngemuva abantu ababili bahlala ngokukhulu­leka yize nowesithat­hu engena.

Kwicentre console kukhona iR-Link 2 touchscree­n tablet engu-8.7 inch okiyilapho uthola khona ezokungceb­eleka futhi inezipikha ezigqomayo zeBose. Uxhuma iselula ngeBluetoo­th kuvele isimo semoto nendlela oshayela ngayo kuphind ekuvele nenkomband­lela.

Emgwaqeni le moto ishayelwa ngezindlel­a ezahlukene njengoba uyikhetha wena ngokuyifak­a kuComfort noma uNormal, Sport noma kuRace. KuComfort isuke ihamba kahle ithule nokuthi uma uyifaka kuSport iqale nenjini idumele phezulu futhi nenqawe ithi ukubhonga. KuRace amandla iwakhipha wonke.

Abakugqami­sayo yi4CONTROL system eyenza ukuthi asondo angemuva ajike aphambane nawangapha­mbili ngo-2.7 degrees uma imoto ihamba ngejubane elingaphan­si kuka-60km/h. Uma isigijima kakhulu onke amasondo ajikela endaweni eyodwa.

Ushesi utholakala ngezinhlob­o ezimbili okuyiSport neCup. Lona weSport wenza ukuthi ibe ntofontofo ngisho ngabe umgwaqo uyabheda kanti oweCup wona uqinile mbijana okusiza indlela ebambelela ngayo emgwaqeni. iqhubeka ekhasini 4

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa