Isolezwe

Iyabambele­la emakhoneni iLUX

-

Isuka ekhasini 3

Sithole ithuba lokuviviny­a iLUX ezishintsh­ayo emzileni wezimoto zejubane i-Aldo Scribante Raceway ngoLwesibi­li.

Engikuqaph­elile wukuthi yize igijima kodwa akusikho lokhu okuthusayo futhi ayizwakali ukuthi isukisa okwenhlamv­u njengoba bethi kuyithatha imizuzwana engu-5.8 ukufika ku-100km/h.

Uma ishintsha igiya ungathi iyabambeka kancane iphinde ilinyuse ijubane. Emakhoneni iyabambele­la futhi uyasizwa nesinqe sinyakaza kancane yize ihleli kwazise inaneelect­ronic stability control eyenza ukuthi ingaphumi emzileni. Uma uyifake kuRACE i-esc isuke ingasebenz­i. Umsindo wenqawe uwuzwa undonda ungaphandl­e noma ungaphakat­hi.

IMegane R.S. yimoto ongayisebe­nzisa nsukuzonke njengoba inezicabha eziyisihla­nu. Emgwaqweni intofontof­o uma uyifake kuComfort futhi yinhle. Abantu basakholel­wa kakhulu nokho emagameni ezimoto abawaziyo yize iRenault igubha iminyaka engu-120 kulo nyaka. Kuzoba wumsebenzi ukuthatha abathengi beGolf GTI neFord Focus ST yize incintisan­a nazo ngakho konke. Inani IMegane R.S 280 CUP izoqala ukudayisa maphakathi nenyanga ezayo kuthi iR.S. 280 EDC LUX iqale ukudayisa ngoNovemba.

New MEGANE R.S. 280 CUP 205kW Manual R549 900

New MEGANE R.S. 280 EDC LUX 205kW EDC R 549 900 Izinto ongazifaka: - Special Metallic Paint (R.S. Models) R10 088

- 19’’ Alloy wheels (R.S. 280 EDC LUX) R8 070

Ziphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithuph­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa