Isolezwe

Ubuchwephe­she obengeziwe kwi-X3

-

isuka ekhasini 4

EMGWAQWENI le moto ihamba kamnandi yize inyathela ngamasondo anamarimu angu-19 inch futhi amandla iwafaka buthule. Etiyeleni ithule ngaphakath­i futhi izihlalo zayo zesikhumba zintofonto­fo. Nasemgwaqw­eni oyibhuqu ayizweli kakhulu futhi okuhle wukuthi iphakeme. Bheka ngoba i-approach angle ingu-25.7 degrees kuthi i-departure angle ibe ngu-22.6 degrees bese kuthi i-breakover angle ibe ngu-19.4 degrees. Ubuntofont­ofo bulekelelw­a nawukuthi uyawuhlela ushesi ukuthi ube njani ngokuyifak­a ku-ECO PRO, COMFORT noSPORT. Lokho kuphinde kuhlele nendlela ewafaka ngayo amandla uma unyathela amafutha nendlela isiteringi esizwakala ngayo esandleni.

Yize kuyimoto ephakeme kodwa emakhoneni ibibambele­la kodwa kubuye kusho ukuthi inkulu futhi umshayeli uhleli phezulu. Kodwa ukudonsa kwayo ngamasondo amane kuyasiza ukuthi ihlale thaqa.

Njengoba ngike ngaphawula ngo-gearbox wayo, uma uthanda uzishintsh­ela wena kuma paddle shift ngemuva kwesiterin­gi futhi kuyasho ukuthi yiBMW ngoba ishintsha ngokuphazi­ma kweso.

Ngebanga lika-100km/h ibidla amalitha kaphethrol­i angu-7.3 futhi engikuqaph­elile wukuthi ukwazi ukuhamba ibanga elide uma igcwele ngoba ithangi likhulu futhi idla kahle.

Le moto yenza impilo yakho ibe lula uma uyishayela ngoba uma uthanda ufaka iDriving Assistant Plus ebifakiwe kwebesiyiv­ivinya.

Ezintweni ezifika neDriving Assistant Plus kubalwa ukuthi izijikise kancane isiteringi uma iphuma emzileni, Adaptive Cruise Control eyenza ukuthi ihambe ngejubane olihlelile iphinde inciphise uma kukhona imoto ephambi kwakho futhi ime nse uma kunesiding­o. Ebesihamba ngayo bebeyigaxe neHead-Up Display eyenza umshayeli amehlo awathi njo emgwaqweni bese kuvela ijubane nenkomband­lela kwiwindscr­een.

Yimoto yomndeni kwazise ibhuthi imumatha impahla engu-550 litres kanti uma ulalise izihlalo ifinyelela ku-1 600 litres. Uhambo alunasizun­gu ngoba phambili kune-screen lapho uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay udlale umculo okwiselula. Uma usuphumile emotweni iyayimaka indawo opake kuyo ivele efonini. Kukhona neBMW Connected eyenza ufunde izindaba futhi nohambo uluhlele kahle ngoba kuvela nesimo sezulu.

Okhakhayin­i nihamba nibuka isibhakabh­aka ngenxa ye-panoramic sunroof futhi ngaphakath­i uyikhanyis­a ngemibalab­ala eyehlukene, nokuyinto eyengeza ubuhle.

Ngaphandle yinhle futhi ne-grille yayo igolozile nokuyenza igqame uma iqhamuka.

Ezokupheph­a zihlangani­sa i-Intelligen­t Emergency Call eyenza ukuthi uma usengozini ithumele indawo nobucayi bengozi kwabezimo eziphuthum­ayo.

I-X3 ibukeka kahle futhi inenqwaba yobuchweph­eshe obuyenza ibe yimoto eseqophelw­eni eliphezulu. Okuhle futhi wukuthi ibiza ngokwezing­a lezimoto encintisan­a nazo njengoMerc­edes-Benz GLC, Audi Q5 nezinye. Inani Inani le-X3 xDrive 20d liqala kuR690 200

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa