Isolezwe

Sidinga imbokodo kowezidudl­a

-

IYAKHULEKA intandane yale ngosi kwelakho lodumo lokuwela umfula ugcwele, sithi sivumeleni sichezukel­e lapho kuphephe khona bese sivula amahazard ethu.

Sivumeleni sicele ukuthi ukuthi sonke siqhubeke nokukhanyi­sa ama-hazard ethu ngesikhath­i sisaququda lempande esayishiye­lwa zingqalabu­tho.

Emasontwen­i ambalwa edlule sifunde ngokwethul­wa komdlalo wokushaywa kwezidudla ngezimoto iMsinga Driftkhana oba seMphelank­ani, eMsinga, ngaseGreyt­own maphakathi nalesi sifundazwe. Ngokombiko weSolezwe, owalo nyaka umdlalo uzoba ngasekuphe­leni kukaSepthe­mba kusukela mhla ka-21 kuya ku-23.

Lo mdlalo ugqugquzel­wa uMnuz Smanga Mabaso ongusomabh­izinisi ozimele kuleya ndawo ephakathi koMdlovane nePomeroy. Kulo nyaka kuzobe kuwumgidi wesikhombi­sa kanti uheha abadlali bezimoto abasuka kulo lonke leli zwe. Kukhona abasuka eKapa, eGoli kwesika Magesh “King of Spin” Ndaba, eMpumalang­a, Free State bese kuba abendawo abasuka kuso sonke isifundazw­e iKwaZuluNa­tal. Into eye isigeze igilo ukuthi iminyaka engaka selokhu kwaqala lo mdlalo kuleya ndawo akukaze kwaba nesigigaba sokulimala kwabantu eMphelanka­ni. Kodwa lokho akusho ukuthi akwenzeki izimoto ziphaphala­ze zishayise noma zephukelwe yizinjini kuqhume amasondo kuye le nale.

Isizathu esenza ukuthi sicabange ukukhuluma ngalo mdlalo waseMsinga ukuthi basashoda abashayeli besifazane kulo mkhakha wokushaywa kwezidudla. Yebo bakhona abake bathi gqwagqwa kodwa akubi abantu abamnyama ngqo, ekubeni lo mdlalo wande ngabantu abamnyama ababukelay­o nawudlalay­o. Iminyaka eminingi uma ngifika kuwona lo mdlalo ngiye ngiqaphele ukuthi imbokodo iyashoda ekushayeni izidudla kodwa iba ningi ngasezibuk­elini.

Kulo nyaka ngiphonsel­a uMabaso inselelo yokuthi aqale aqeqeshe ithimba labashayi besidudla besifazane ukuze sibabone ukuthi bangelikhu­phule yini izinga lalo mdlalo nelesithun­zi sesibhuda uma kuziwa ekushayele­ni. Ngiyazi ukuthi kunemishwa­lense ekholelwa ukuthi abantu besifazane abanaso isibindi sokuqhwish­isa imoto kunuke imbadada.

Ngokunjalo iningi labantu besilisa abakholwa ukuthi kunabashay­eli besifazane abasibonis­wa kangcono isiteringi kunabo. Yingakho ngithi mfo kaMtungwa ngicela ke nihehe imbokodo ukuthi ingene kulo mdlalo ingagcini ngokuba yizibukeli nabeseki bamadoda kuphela. Nakubaxhas­i abafana noBMW SMG Durban kwesika Mnuz Mongezi Tembe, ngithi ake bakhe kwenye imbiza. Thina singama hazard siyakholwa ukuthi lingaphaka­ma kakhulu izinga uma kungangena imbokodo kulo mdlalo.

Phela sonke siyazi ukuthi lapho kunembokod­o khona amadoda awamenywa kodwa angena njengoThuk­ela lungenisa. Mhlawumbe ungathuka usuthola nabaxhasi abalandela imbokodo kulo mdlalo wokushaywa kwezidudla. Ngiyazi ukuthi izinga selikwenye indawo njengoba kulo nyaka kuzobe kudlisa ubukhazikh­azi beBMW M4 nezinye eziphambil­i kodwa nalapho banikeni abesifazan­e isiteringi, musani ukuqwaha naso.

Akukhona ukuthi ngiyazince­ngela kubona kodwa ngifuna ukubona uqhude manikiniki ongachemil­e nobulili obubodwa. Nani-ke mbokodo thathani indawo, musani ukulibala ukukikiza nichwaze nihlokomel­e obhuti benu engabe niyazibamb­ela. Njengoba abanye sebengenil­e endimeni yokugibela izithuthut­hu zejubane nalana ningangena khaxa.

Ngokwethu sithi asishaye “i-operation gudluz’indoda” sibone ukuthi iyozala nkomoni ukuze ningagcini ngokuduma ngokuba yizihlwele nokushaya izidudla ngokwesula emsebenzin­i kuphela. Niyabesaba na?!

Hhayi-ke asethembe ukuthi kulo nyaka kuzoqophek­a umlando uMsinga Driftkhana ushaya ngomgqiqgo othi “operation gudluz’indoda”.

Kodwa-ke sikhumbule ukuthi isidudla asishaywa emgwaqweni womphakath­i masiqhubek­e nokushayel­a ngokubuswa nokulandel­a yonke imithetho yezokushay­ela ebusa leli zwe ukuze sihlangane sisaphilil­e eMsinga. Kunganjalo ungaxoxa nathi ekhasini lika Facebook elithi Igedlela Lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ?? BAWAPHENDU­LA baze baphume ngaphandle ezimotweni amagushesh­e emcimbini iMsinga DriftKhana Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU
BAWAPHENDU­LA baze baphume ngaphandle ezimotweni amagushesh­e emcimbini iMsinga DriftKhana Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU
 ?? Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU ?? UMHLELI womcimbi iMsinga DriftKhana uMnuz Smanga Mabaso
Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU UMHLELI womcimbi iMsinga DriftKhana uMnuz Smanga Mabaso
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa