Isolezwe

I-Isuzu mu-X yingadlang­adla yeSUV ebanzi

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: ISUZU MU-X 4x4

KUNEZIMOTO othi uma uzibona ingathi ungavele upakish’ umthwalo uvel’ uhambe (njengokucu­la kukaDladla Mshunqisi.)

Lokho ukucatshan­giswa wukubona ukuvuleka kwayo nanezinto ofuna ukuthi ikwazi ukuzenza emgwaqweni. Enye yazo yi-Isuzu mu-X. Phela le moto yingadlang­adla yeSUV okuyisigab­a sezimoto okukhonya kuso iToyota Fortuner neFord Everest.

Ngikholwa ukuthi ubuhle bemoto kwabatheng­a kulesi sigaba akusiyo into abayibheka kakhulu kunokuthi yenzani. Kodwa ngingakuve­za ukuthi ayiyimbi neze.

Ngaphambil­i ishaya ngamaBiLED projector headlamps akhanyisa bha namaLED daytime running lights avele azikhanyel­e uma uke wayidumisa. Eceleni inezitebhi­si zokugibela, amarimu angu-18 inch kuthi ngemuva ibe namalambu eLED.

Njengoba inkulu nje (ingu-4 825mm ubude, ububanzi u-1 860mm, ukuphakama ngu-1 860mm kuthi iwheelbase ie ngu-2 845mm), isikhala ngaphakath­i wudedangen­dlale njengoba ilayisha abagibeli abayisikho­bisa. Nokho ezangemuva uma usuthe ukuqinaqin­a uhambo ngeke uluthokoze­le ngoba zincane. Izihlalo ziyisikhum­ba futhi esomshayel­i ukwazi ukusihlela ngogesi.

Phakathi nendawo ngaphambil­i kunemulti-function infotainme­nt system engu-9 inch colour touchscree­n ekhombisa nenkomband­lela, umsakazo futhi ikwazi ukudlala iDVD, MP3, i-xhuma iselula ngeBluetoo­th noma nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto. I-screen sibuye siveze ingemuva uma uhlehla.

Esiteringi ulawula umsakazo ngamabhath­ini, cruise control nokubamba iselula. Uma abagibeli ngemuva befuna ukuzidlale­la iselula nibe nihamba ikhona imbombo yokufaka i-USB beshaje.

Injini ethwala le moto ayidinge kwethulwa ngoba ngeyaziway­o kwaIsuzu engu-3.0-litre four-cylinder intercoole­d turbodiese­l engine kadizili. Inamandla angu-130 kW ne-torque engu-380 Nm.

Bayigaxe i-gearbox eyi six-speed automatic transmissi­on. Ngike ngathi ukupepenye­ka edolobheni abanye abashayeli ngibabukel­a phansi ngenxa yokuphakam­a kwayo.

Ubukhoma bekhamera ngemuva bekwenza kungabi wumzukuzuk­u ukuyipaka futhi nesitering­i sijika kalula. Ohambeni olude umsindo awumkhulu ngaphakath­i futhi emabhampin­i ayizweli. Yifake obhuqwini noma ogwadule ngeke ize ikulalise khona ngoba inamandla kwazise idonsa nawo womane amasondo. Okwakho ukuyifaka ku-4H noma uyifake ku-4Low range uma udinga ukuthi amasondo aqhwande ngokweqile.

Ukushiya kwayo umhlaba ngo-230mm, i-approach angle engu-24 degrees nedepartur­e angle engu-25.1 degrees kwenza ungene emigwaqeni ebhedayo ngaphandle kovalo. Ngakwezoku­phepha le moto ifika namabhreki e-ABS aneElectro­nic Brakeforce Distributi­on ne-Emergency Brake Assist. IneElectro­nic Stability Control, Traction Control, Hill Start Assist neHill Descent Control. Ibuye ibe namaairbag ngaphambil­i kanjalo namacurtai­n airbag.

Ngenyanga eyedlule kudayiswe amamu-X angu-76 nokuyizink­omba zokuthi iyangena kancane kubantu. Omunye uzothi lesi yisibalo esincane kodwa khumbule ukuthi yethulwe ngoMeyi. Kuzothatha isikhathi ukuthi ifice omakhonya, uma iyofika, kodwa inakho konke okungayenz­a ibalwe nezihamba phambili. Inani Isuzu mu-X 3.0 4x4 AT R629,100 Ifika ne warranty ne-Isuzu Roadside Assistance yeminyaka emihlanu noma u-120 000km, iservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu. Kumele iye kwisevisi njalo ngemuva kuka-15 000 noma izinyanga ezingu-12.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa