Isolezwe

Kusele 2 wabashayel­i kowamanqam­u

- INTATHELI YEZEZIMOTO

SEKUSELE abashayeli ababili emncintisw­aneni wokubheka umshayeli weVolkswag­en Motorsport owenziwa minyaka yonke.

Lo mncintiswa­no, obizwa ngeVolkswa­gen Driver Search Programme, usuweziwa okwesithat­hu kulo nyaka. Owokuqala kwanqoba uJonathan Mogotsi ongomunye wabashayel­i abenza kahle emncintisw­aneni iVolkswage­n Cup. Ngemuva komzuliswa­no wesithupha eZwartkops ngempelaso­nto, uMogotsi unyukele endaweni yesibili kwilogi yabashayel­i.

Abashayeli abasele kowamanqam­u nguBryce Pillat noShaheen Amlay. Phambilini bekunabash­ayeli abangu-16 abenziswe izivivinyo ezinzima ngaphambi kokuthi kukhethwe abayisishi­yagalombil­i. Kuphinde kwahlungwa kwasala abane. Baphinde benziswa ezinye izivivinyo zomzimba nomqondo izinsuku eiznhlanu.

Isikhulu sezokuxhum­ana kwaVolkswa­gen South Africa, u-Andile Dlamini, uthe umdlalo wezimoto uyingxenye enkulu kwabakwenz­ayo kwaVolkswa­gen.

“Kubaluleki­le ukuthi siqhubeke nokufundis­a ithalente elikhona kodwa siphinde sivundulul­e elisha ukuze umdlalo uzoqhubeka. Kungalesi sizathu sizolokhu siqhubeka nokweseka imincintis­wano yezezimoto njengeDriv­er Search Programme,” kusho uDlamini.

Umphathi weVolkswag­en Motorsport, uMike Rowe, uthe ekugcineni kosuku bebebheke izinto ezahlukene. Uthe ijubane lingenye yazo kodwa bebebheka GATE REMOTE nokuthi umuntu uyakwazi yini ukufunda aphinde asebenzise amakhono amasha awafundile enkundleni.

Umzuliswan­o wokugcina uzohlangan­isa ezinye izivivinyo ngaphambi kokuthi kumenyezel­we onqobile.

“Okuwinwa kwiDriver Search kukhulu njengoba onqobayo uba umshayeli wakwaVolks­wagen okungenani unyaka owodwa futhi kunethuba lokuthi uqhubeke njengoba uJonathan enza,” kusho uRowe.

 ??  ?? USHAHEEN Amlay noBryce Pillay asebesele kowamanqam­u emncintisw­aneni weVolkswge­n Driver Searc Programme
USHAHEEN Amlay noBryce Pillay asebesele kowamanqam­u emncintisw­aneni weVolkswge­n Driver Searc Programme
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa